Cape town - Sekuthunyelwe ithimba lamaphoyisa esikoleni iMitchells Plain High
School kulandela imibiko ethi abafundi benza imigilingwane egcinwa
ngabakhonza inkolo kaSathane.
Kuthiwa abafundi bayazisika baphuze igazi baphinde badwebe iziphambano ezibheke phansi ezindongeni zesikole.
Sibuze abafundi ukuthi ikhona yini indaba yenkolo kaSathane noma sekuyitemu nje elisetshenziswayo uma abantu befuna ukuqhuba ukuganga.
Babeke kanje:
UPhilile Mtshali uthe:
Ikhona inkolo kaSathane, kumele abantu bakhuleke kakhulu kuze kuzoliwa nayo.
Mina kwakumele ngife mhlaka-24 Julayi 2010.
Umuntu ophilayo
yangigwaza waphuza negazi lami ngokuthi ngangithandaza azange angibulale
ngasinda.
UKenish Buthelezi uthe:
Ikhona inkolo kaSathane, imandla kakhulu ezinganeni zesikole.UGamalakhe Vincent uthe:
Phambilini ngangicabanga ukuthi ayikho kodwa sengiyazi ukuthi ikhona.
Kukhulunywa ngayo yonke indawo.
UThabani Mnguni uthe:
Ayikho, uSathane usebenza ngabakholelwa kuyena nalabo abamesabayo.
Kusamele izingcweti ziophenyisise nghalolu daba.
Izigangi zenza iznto bese zicasha ngoSathane.UMamsie Nzimande uthe:
Ngikhathazekile kakhulu ikhona idlage ezikoleni.U-Eve Mahlangu uthe:
Inkolo
kaSathane ikhona kuzo zonke izindawo ikakhulukazi emabandleni.Isisombululo salolu daba ngibona kuwukuthi
siyikhulekele iphele lento ngegama likaJesu.UBambelela Sbanjana uthe:
Impela ikhona lento, ibamba kakhulu izingane ngoba zithanda izinto bese zingenwa yimimoya emimbi.UMzwanfile Nyuswa uthe:
Ayikho.USphelele Njilo uthe:
Ayikho, sidlala abantu abafuna ukuganga ne qha.UThembinkosi Mabaso uthe:
Ikhona ikakhulu ezikoleni njengoba kwavalalwa ukuthandaza.UNue Ka-Cebisa uthe:
Ikhona uSathane uyazulazula lapha emhlabeni.UKhanyisa Dube uthe:
Ikhona
ngempela yongoba akusathandazwa ezikoleni.Ngesikhathi kuthandazwa yayingekho yonke lento, kugcwaliseka isiphrofetho esithi masinya sizoya ekhaya ezulwini.USihle Ncanana uthe:
Ayikho
inkolo kaSathane, abantu sebekhohlwe yilmuva labo lapho bephuma khona nemikhuba
eyayenziwa okhokho babo.
Lungisani izindlela zenu yonke into iyophumelela.USilindokuhle Gumede uthe:
Ikhona indaba yenkolo kaSathane futhi isazokwanda uma abantu bangazani noNkulunkulu.UThokozani Shange uthe:
Lokhu kuyinto
ekhona, lapho ngisebenza khona kuyaye kuthi njalo uma kuthandazwa kube
khona umfundi ozohhayiza kubonakale ukuthi kukhona osekumngenile.
UNombulelo Silinda uthe:
Ukube yenzeka kwabamnyama kuphela ngabe mhlampe sithi amasiko kodwa cha yenzeka kuzona zonke izinhlanga.
Ikhona.
USfiso Khumalo uthe:
Seliyabhubha izwe, kodwa uma izingane zingashaywa isimo singalunga.
UBoyce Izzy Makepe uthe:
Ikhona lento yale nkolo. uSathane usebenzisa uhulumeni, bona ngokuphasisa ukukhishwa kwezisu, ukuganana kobulili obufanayo nokunye okuningi.
UThulani Emmanuel uthe:
Ikhona lento futhi isebenza ngezindlela eziningi.USindi Xaba uthe:
Inkolo
kasathane ikhona impela kumele kuqiniswe emkhulekweni ukuze
nabangaboni bambulekelwe, futhi usesebenzisa izingane kakhulu ngoba aziqondi ukuthi kwenzakalani, masifundise izingane zethu ukukhuleka
futhi sizikhulekele.
U-Ayanda Gumede uthe:
Inkolo kaSathane ikhona, makungathunyelwa amaphoyisa akuthunyelwe abvantu abathandazayo bayolwisana nayo.
UShinegirl Shezi uthe:
Yidimoni elikhulu lihlasela ngisho nezingane zabazalwane, kumele sikhuleke umhlaba uyabhubha.
UKiso Nkuna uthe:
Amadimoni ahlasele, akekho umuntu ophilayo ongake azisike aphuze igazi, wuSathane lowo.
uqobolwakhe ungene ezinganen zesikole.
USamukelisiwe Dlamini uthe:
Kuyiqiniso futhi kuyinto ekhona nebhayibheli liyasho ukuthi kuyoba nje ngezinsuku zokugcina.
Thumela umbono wakho ku-isizulu@news24.com
Disclaimer: INews24
iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene.
Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono
yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
News24