Cape Town - Ummeli uPaul Hoffman usesabise ngokubopha abakwaMetrorail uma beqhubeka
nokuvalela izingane ezibanjwa zigibele izitimela zingenawo amathikithi.
UHoffman uthi ukuvalelwa kwezingane okwenziwa nguMetrorail,
kungukuhlukumeza ilungelo lengane futhi kuyayethusa ingane evalelwe.
Uthi okumele kwenziwe yinkampani uma ibamba ingane, wukufonela abazali bayo kube yibo ababhekana nomthetho.
Abafundi bayabeka imibono yabo:
UMpatho Mtshali Ehlobane Cliffdale uthe:
Ngeke ukholwe ngendlela ezihlupha ngayo izingane
zesikole.
Kumele vele zijeziswe, okokuqala nje izitshela ukuthi zazi kangcono, zize zigibele phezu kwezitimela bese uma zilimala kulokhu kukhonjwa abanye abantu.
USthembiso Phongo Hlongwane uthe:
IMetrorail iyagagamela uma isivalela izingane, ayiqale ngokulungisa udaba lokushoda kwezitimela.
UMduduzi Dubazana uthe:
Eziningi izingane zisuke zinikiwe imali yamathikithi emakhaya bese ziyayidla, abazali abazi lutho.
Manje kungani umzali ezothwala icala ebe ekade eyikhiphile imali?
USipho Gumbi uthe:
Mina ayangidida amalungelo, uma ummeli ethi kuphulwa ilungelo lengane, ingane yona ayiliphuli yini ilungelo lenkampani?
UThulani Terrence Mtshali uthe:
Abazali bayayikhipha imali yamathikithi bese izingane ziyisebenzisa ubudedengu, kumele uinkampani ihole imininingwano ngngane bese ithatha isinqumo.
UNtwana Eenboom uthe:
Zihlupha kakhulu izingane.UXolane W Mtshali uthe:
Mhlampe kuzomele balazi ilungelo lezingane njengoba umthetho olawula izwe uyalihlonipha ilungelo lezingane.UNdlebhu Mtshali uthe:
UMetrorail usebenz aibhizinisi, uma izingane zingenawo amathikithi kumele uthathe izinyathelo.UNomah KaNoshwila Ncama Wheels uthe:
Izingane siyazinika imali yokugibela zona zithenge izidingo zazo njengezidakamizwa.
USiyabonga Bonga Ngobese uthe:
Kuyinkinga impela ngoba abanye abazali bayathengela ingane ithikithi bese iyalidayisa ngoba ithembe ukugibela mahhala, kumele umbono kaHoffman ubandakanye nothisha ezikoleni kuze uzophumelela.
UThembisile Maqhishila uthe:
Kumele uMatrorail wandise izitimela uyeke ukuvalela izingane ezincane.
USindy Mtshali uthe:
Kuze ingane ibone ukuthi yenza iphutha kumele ithole isijeziso.UBongani Sihayo Ngobese Sihayo uthe:
Ngihambisana nommeli, izingane zikhula nezinhliziyo ezimbi ngoba ziyahlukunyezwa.
USelby Mtshali uthe:
Kumele abazali bawathenge bona mathikithi ngoba izinagne ziyayidla imali, akumele ziboshwe kodwa.
UMlu Original uthe:
Umuntu ongenalo ithikithi kumele ajeziswe ngokumfanele noma ngabe muncane noma mdala.
UThulane Mlangeni uthe:
Uma uMetrorail ungabopha eyami ingane, ungakhokha itshe le mali.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
News24