Cape Town -Incane into eqeda uthando kubantu abathandanayo noma ngabe senizwane iminyaka eyishumi. Kuyaba khona lokho okuzo gudluka lobobudlelwano benu obuhle.
Umbuzo wangoLwesine ubuthi:
Iziphi izinto ongathi ziqeda uthando kumuntu othandana naye?
1. Yizinkinga zocansi?
2. Yisikhwele anaso?
3. Akanayo imali eyanele?
4. Abazali bakhe noma izingane zakubo azikufuni?
Asikhulume sakhane ukuze sizokhula kubudlelwano esinabo nabantu esizwana nabo.
Abafundi baphendula ngokuthi:
UBuhle Nxumalo Nxumalo uthe: u-4,safa o-anti bakwethu.
ULeendor MaGums uthe :eqinisewni u-1 sekungashiwoke okunye kodwa iqiniso limile.
ULindan Nzimase Lindani uthe: u 2
UNkululeko Thato uthe: u2 no4
UCndiswa Dlamini uthe: u1 no 2
UGift Knowlwdge Mdolomba Gift uthe: u3 no4
Kanti abafundi abanye basibonise ngokunye okuqeda uthando ukuthi:
UNkululeko Sithole J N uthe: Into eqeda uthando ukuthi emhlabeni kuncengwa uthando ngocansi kuphinde kuncengwe ucansi ngothanda ake lume ucansi bake bathandane abantu bagezane izinyawo,bafunzane, amen! njengami nje kwaze kwamnandi ukuthandana webantu.
UCpho Nkosi uthe:Ukungahloniphi nokuzazisa nokuba nesikhwele esingalawuleki nokunga funi ukwedlulwa omnye nokuthi njalo mawubona indoda ubona imali, iphelile inyanga ayikapheli kuyafana nje kuwe. Nalokuthi uma indoda iholile ibizwa ngobaba inyanga yabaphakathi kuyashitsha isibizwa ngegama mase izophela inyanga uyabuzwa nokuthi kunjani namuhla, usebenze kahle, ukukhathala kona kunjani okunye ukhuluma naye ukahle kumbe uyakuphengula ekugcineni ufaka lamagama anoF... noma Uyahl... Ayi kuthi angikhamise ngidle ikhanda lami.
UGqamile Hopewell uthe: isikhwele esingenasidingo sokusola into engena nabufakazi, waphuza ukubamba ucingo noma wangalubamba nhlobo,kushiwo lokhiya nalokhuya nje kuyadina ukusolwa ngento ongayenzanga!
UNokwazi Jobe uthe:Umuntu ohamba ephafuza indaba nolalela indaba azitshelwa abantu ebe engenabo ubufakazi obugcwele.
UNonhlanhla Nciki uthe: Muntu uqala abenezimfihlo thn kubengamanga phele itrust baxabane abantu luphele uthando.
Incane into eqeda uthando kubantu abathandanayo noma ngabe senizwane iminyaka eyishumi.Kuyaba khona lokho okuzo gudluka lobobudlelwano benu.Enginganicebisa ngakho ukuze niqhube kahle ukuthi njalo oyedwa mayenze iphutha azicebe, axolise kudlule.Ningabekelani amagqubu.Uma ekudina owakwakho ubovele ukhumbule izikhathi lapho nihleka nijabule khona nobabili.Ukhohlwe izinto eziningi,uzenze ongaboni...uhleke nje,uzoqala agule ngezenzo zakho,azibuze aziphendule agcine esekhulumile.
Enye yezinto eziqeda uthando ukubekwa isandla,yekani ukushayana nihlale phansi nixoxisane kuphele niqhubeke nempilo.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter