Dear Mhleli,
Okay, kulungile ke usekubhalile kufacebook umuntu othandana naye washintsha izithombe zakho naphawulelana, nibizana ngobabe, love nalo lonke uhlobo lwamagama eniteketisana ngawo.
Impela sekuyaziwa ukuthi nina nobabili niyathandana noma nibizana ngongqo (straight) kodwa-ke dadewethu awuke uzibuze ukuthi ubatshela nini ekhaya konke lokhu asekutshele izwe lonke ngawe?