Share

Hamba kahle Jacinta Ngobese

Cape Town - Ngishaqekile ngifunda elinye lamaphephandaba ngithola ukuthi uxoshiwe emsakazweni uJacinta Ngobese.

Kamuva bengingasamlaleli ngenxa yokungatholakali komsakazo eKapa kodwa ngiyawazi amava akhe esasohlelweni i-Alex and the Crew.

Mina nabaningi besigculisekile ngomsebenzi wakhe, lokhu ngikusho uma ngibona isikhalo sabantu abebelalela izinhlelo zakhe, ngingakhohlwa nayi ndondo ayithola kuma-MTN, nayo ayisilo ize leze.

Uma kuwukuthi mhlampe bekunamaphutha abenawo abaphathi ebebengeneme ngawo, bebengeke yini bahlala naye phansi bambuyise?

Umphathi wami ngisasemsakazweni, wathi kimi: "Uma uxosha isisebenzi esihluphayo, awusakhi kodwa usuke uthi asiyohlupha kwenye indawo".

Ungangizwa kabi, angisho ukuthi ubehlupha, ngithi uma ubenamaphutha, ngabe abengelungiseke na?

Angifuni ukukhuluma ngepolitiki yaseGagasini ekuthiwa idla lubi, angiyazi futhi angihlangene nayo.

Miningi imibuzo equbukile ngokuhamba kukaJacinta, ngisale ngizwela abantwana babantu ekuliwa ngabo izimpi zombango (uma ngempela zikhona). IsiNgisi sithi When elephants fight, it's the grass that suffers.

Sibangaki siphuthwa yimisebenzi noma sixoshwa kuliwa ngathi izimpi ezinkampanini?

Ngake ngashayelwa ucingo kuthiwa angize ngizohlangana nabaphathi eGagasini mayelana nomsebenzi.

Funda nalolu daba: Ungithinta emanonini uMK

Sihlolwa ikhono sasibathathu kuyimi, udadewethu owabe enguMxhosa, nomunye wesifazane owabe engekho embonini yeziNdaba.

Ngangiqinisekile ukuthi umsebenzi owami ngesizathu sokuthi ngabe ngikhuluma isiZulu nesiNgisi okuyizilimi ezisetshenziswa eGagasini futhi sengihlalile emsakazweni ngikuqonda ukusebenza kwawo.

Ngemuva kwamaviki ambalwa, ngezwa sekuqashwe udade woMxhosa. Ngabe nginamanga uma ngingathi angiphathekanga kabi ngoba ngase ngizitshelile nabanye bangiqinisekisa ukuthi angeke kuqashwe uMxhosa azofunda iziNdaba zesiZulu.

Kwahamba isikhathi ngaphinde ngatshelwa umthombo wami owabe ungaphakathi ukuthi kunezinkunzi ezingahoshelani

Kuthiwa uma ulandwe othile, othile akakuzwa kahle.

Uma lokhu kuyiqiniso, kubuhlungu kithi thina esisuke sifuna imisebenzi, kubuhlungu ukuthi kusetshenziswe thina ukuze kuzobonakala ukuthi ubani inkunzi ematholeni

Nokho-ke impilo iyaqhubeka, farewell Miss J, izwi lakho angeke silikhohlwe ezindlebeni zethu, uhleko lwakho siyohlala njalo siluzwa thina balandeli bakho. Kungcono ukuba nomoya othobekileyo kanye nabathobekileyo kunokwabelana impango nabazidlayo.

 - Singaxhumana ku-zanelewakwamtshali@gmail.com

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 896 votes
No! It's time to move on ...
33% - 436 votes
Vote
Rand - Dollar
18.82
+1.1%
Rand - Pound
23.53
+1.1%
Rand - Euro
20.16
+1.2%
Rand - Aus dollar
12.31
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.8%
Platinum
922.30
-0.4%
Palladium
964.50
-2.6%
Gold
2,345.52
+0.6%
Silver
27.58
+0.5%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,438
+1.5%
All Share
75,393
+1.4%
Resource 10
63,106
+1.6%
Industrial 25
103,764
+1.2%
Financial 15
16,076
+1.7%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE