Cape Town - Ngishaqekile ngifunda elinye lamaphephandaba ngithola ukuthi uxoshiwe emsakazweni uJacinta Ngobese.
Kamuva bengingasamlaleli ngenxa yokungatholakali komsakazo eKapa kodwa ngiyawazi amava akhe esasohlelweni i-Alex and the Crew.
Mina nabaningi besigculisekile ngomsebenzi wakhe, lokhu ngikusho uma ngibona isikhalo sabantu abebelalela izinhlelo zakhe, ngingakhohlwa nayi ndondo ayithola kuma-MTN, nayo ayisilo ize leze.
Uma kuwukuthi mhlampe bekunamaphutha abenawo abaphathi ebebengeneme ngawo, bebengeke yini bahlala naye phansi bambuyise?
Umphathi wami ngisasemsakazweni, wathi kimi: "Uma uxosha isisebenzi esihluphayo, awusakhi kodwa usuke uthi asiyohlupha kwenye indawo".
Ungangizwa kabi, angisho ukuthi ubehlupha, ngithi uma ubenamaphutha, ngabe abengelungiseke na?
Angifuni ukukhuluma ngepolitiki yaseGagasini ekuthiwa idla lubi, angiyazi futhi angihlangene nayo.
Miningi imibuzo equbukile ngokuhamba kukaJacinta, ngisale ngizwela abantwana babantu ekuliwa ngabo izimpi zombango (uma ngempela zikhona). IsiNgisi sithi When elephants fight, it's the grass that suffers.
Sibangaki siphuthwa yimisebenzi noma sixoshwa kuliwa ngathi izimpi ezinkampanini?
Ngake ngashayelwa ucingo kuthiwa angize ngizohlangana nabaphathi eGagasini mayelana nomsebenzi.
Funda nalolu daba: Ungithinta emanonini uMK
Sihlolwa ikhono sasibathathu kuyimi, udadewethu owabe enguMxhosa, nomunye wesifazane owabe engekho embonini yeziNdaba.
Ngangiqinisekile ukuthi umsebenzi owami ngesizathu sokuthi ngabe ngikhuluma isiZulu nesiNgisi okuyizilimi ezisetshenziswa eGagasini futhi sengihlalile emsakazweni ngikuqonda ukusebenza kwawo.
Ngemuva kwamaviki ambalwa, ngezwa sekuqashwe udade woMxhosa. Ngabe nginamanga uma ngingathi angiphathekanga kabi ngoba ngase ngizitshelile nabanye bangiqinisekisa ukuthi angeke kuqashwe uMxhosa azofunda iziNdaba zesiZulu.
Kwahamba isikhathi ngaphinde ngatshelwa umthombo wami owabe ungaphakathi ukuthi kunezinkunzi ezingahoshelani
Kuthiwa uma ulandwe othile, othile akakuzwa kahle.
Uma lokhu kuyiqiniso, kubuhlungu kithi thina esisuke sifuna imisebenzi, kubuhlungu ukuthi kusetshenziswe thina ukuze kuzobonakala ukuthi ubani inkunzi ematholeni
Nokho-ke impilo iyaqhubeka, farewell Miss J, izwi lakho angeke silikhohlwe ezindlebeni zethu, uhleko lwakho siyohlala njalo siluzwa thina balandeli bakho. Kungcono ukuba nomoya othobekileyo kanye nabathobekileyo kunokwabelana impango nabazidlayo.
- Singaxhumana ku-zanelewakwamtshali@gmail.com
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.