Share

I-DA ihlaba uhlelo lokondliwa kwabafundi

Durban - Izinkulumo ezithi uhlelo lokunikeza ukudla ezikoleni eziningi eNewcastle alusaqhubeki azimangazi neze.

Uhlelo lokunikezela ukudla ezikoleni KwaZulu Natal lowuhlelo olukhulu kakhulu.  Kusetshenziswa imali elinganiselwa ku 1.3 billion wamarandi kunikezelwa ukudla kubafundi abalinganiselwa ezigidini ezimbili ezikoleni eziyizinkulungwane ezinhlanu.

Lolu wuhlelo olukhulu kakhulu futhi olubalulekile okufakwe kulo imali yabakhokhi bentela ukuba lungayekelwa ukuba lusingathwe isikhulu esisezingeni elephansi sezemfundo.

Umsebenzi omningi nokuphathwa kosukunokusu kwaloluhlelo kubiza ukuba kubenophiko oluhleleke kahle nolunezinsiza kusebenza ezanele, ikakhulukazi njengoba kungase kube nenkohlakalo engaholela ekulahlekeni kwezigidi zamarandi okumele anikeze ukudla ezinganeni ezimpofu kodwa ezingagcina sezingena kwamanye amaphakethe.

Ungqongqoshe omusha wezemfundo KwaZulu Natal uzamile kancane ukubhekana nenkinga yokusingatha loluhlelo ngokususa loluhlelo lapho belukhona emnyangweni walubeka ngaphansi komunye umunxa oyisipesheli obika ngqo kwiNhloko yomnyango kanye nakuye ungqongqoshe.

Lesi yisinyathelo siyisiqalo esihle – kodwa asanele neze.

Uhlelo lokunikeza ukudla ezikoleni kumele lusingathwe isikhungo nje esinye esizimele.

Kungeyikho nje kuphela ukuthi lokho kuyokwenza ukuba kubelula ukubhekelela ukusebenza kwaloluhlelo kanye nezinto okubhekeke ukuba ziphumeleliswe yiloluhlelo njengokudala amathuba emisebenzi nokudluliselwa kwamakhono kosomabhizinisi abancane abahlinzeka ngokupheka – kodwa ngoba ukucwaninga okulindeleke ku Mcwaningimabhu Jikelele uyokwazi ukubhekana nenkohlakalo nokumoswa kwemali yombuso ngendlela ekahle kunokuba kwenzeka njengamanje.  



Ibhalwe nguTom Stokes
, ilungu le-DA eKZN

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Now that e-tolls gantries have been switched off, will you be settling your outstanding debt?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No way, they're not getting a cent from me
88% - 1794 votes
Yes, I guess it's the right thing to do
4% - 75 votes
Mmh, I'm watching legal cases and playing it by ear
8% - 173 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+0.2%
Rand - Pound
23.68
-0.1%
Rand - Euro
20.29
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.24
-0.4%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
952.30
-2.4%
Palladium
1,036.00
+1.3%
Gold
2,371.75
-0.5%
Silver
28.27
+0.6%
Brent Crude
90.02
-0.1%
Top 40
66,899
0.0%
All Share
72,995
-0.0%
Resource 10
63,378
+2.8%
Industrial 25
97,824
-0.5%
Financial 15
15,384
-1.7%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE