isiZulu

I-DA isenga ezimithiyo ngobulungu - Umbono

2012-12-19 14:37
Cape Town - Imibiko ithi ngemuva kwemizuzu nje uMengameli Jacob Zuma ebuyiselwe esikhundleni sakhe okhethweni lwe-ANC eMangaung, i-DA ithatha ithuba lokukhankasela abafuna ukuba ngamalungu ayo.

Lowo ohola i-DA ePhalamende uLindiwe Mazibuko uthe isibalo samalungu eqembu lakhe sikhule ngendlela emangalisayo izolo.

Sibe sesibuza abafundi ukuthi ngabe lokhu kusho ukuthini ngeqembu elibusayo nekusasa lalo kwezombusazwe, kungabe singabona okwehlukile ngo-2014 okhethweni.

Babeke kanje:

Zinhle Mageba - Akukho okwehlukile esizokubona ngo-2014 laba abaphumile ilaba abafakwa ngamakhanda uJulius Malema. Kuyogcina ngabo i-ANC izohleli ibumbene njengakuqala akekho oyoyihlukanisa ngisho sebethanda bazozibuyela nalabo bhayizane abavuma ukubhayiziswa.

Goqozile Mlungisi Ndwandwe - Mhleli le nto eshiwo yilo mhloli we-DA ayisilo iqiniso udlala injeje nje yepolitiki ukuze laba abangaphumelelanga eMangaung bangabi novalo lokujoyina iDA.

Ngamanye amazwi uyazikhankasela nje ngoba ebona ithuba nemiqondo yabantu isadidekile. Khona-ke vele bakhona abazojoyina iDA ngoba amathuba eqembu elisha mancane kakhulu.

Likhona Mahlahla - Yebo luningi uqhekeko oluzokwenzeka ku-ANC, ngililindele elinye iqembu elizosungulwa nguKgalema Motlanthe noThabo Mbeki.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



News24

Ezinye izindaba e- Izindaba Zami

«Emuva
Ad:Funeral Cover from R29/m