Cape Town - Ayikho into ecoba igazi njengokwaliwa. Ukwaliwa akudingi kuze kube khona okhipha igama ngomlomo athi akusathandwanwa, kokunye ubona ngezenzo.
Okucika nakakhulu ngokwaliwa ukuthi owalayo imvamisa akasho ukuthi akasakuthandi kuphela uba nezizathu zakhe ezidala kugcina kukhethwa ukuthi kuhlukwanwe.
Kokunye waliwa ngesitayela sokuthi uzitshwe, kokunye umuntu ashontshe indawo yokuhlala kube ukumgcina kwakho lokho…kwenzekeke kube khona izimambana ezingakhahalele kuthenjwa zikwale nje ingcaca zijole isidana kubuka izwe.
Wena-ke saliwakazi kuyenzeka ube buhlungu kokunye uzace nokucaza, abanye bazame nokuzibulala. Babili bathathu abantu abangathi abakaze baliwe. Namhlanje kuphela unyaka nezinsuku eziyisithupha obesenyongeweni yami, phecelezi uRuru ahamba wabuyela ekhaya la ezalwa khona – nami wangala ngoba akakhethanga mina wakhetha izwe lakhe nabantu bangakubo.
Okungenani-ke siyakhuluma noma kube kathathu ngesonto. Cha akusekungakanani okusihlanganisile sekuwukuqhuba nje impilo sikhulume ngezakudala - inkankane nenkankane seladla umsundu wangakubo.
Esanda kuhamba ngangihlalele ethembeni lokuthi impilo izomehlula e-Afrika bese ebuyela la eMelika yase-Afrika.
Cha, zidlekhaya kumfo lona, nami amathe asabuyela kwasifuba.
Esikhathini esingunyaka impilo iqhubekile ngafunda nezinto eziningi kwavuleka namehlo ayephuphuthekiswe wuthando.
Okunye kokwenzekile kusukela ehambile uRuru, ngibuyele esikoleni, ngathola umsebenzi omusha ngathola nethuba lokudla amathambo engqondo ngijule ngami ngingedwa.
Ngifunde ukuthi akuhlale njalo kukubi ukungayitholi into osuke oyifuna. Yize ungeke ukubone lokho uma usadinga okudingayo kodwa ngokuhamba kwesikhathi uyakuqonda ukuthi wancintshwa lokho kuze uzogcina uthole okungcono.
Inhliziyo yami igcwala ukwethaba uma ngicabanga lo mbhemu, igcwala umusa uma ngikhumbula imihla angikhumbula ngayo engibusisa ngothando lwakhe. Ngigcwala intethelelo uma lona osekhona engashayi khona ngikhumbule ukuthi kakade konke engake ngakufisa othandweni ngakuthola kuphindaphindiwe.
URuru wangithanda wakhipha isibhongo sokuthi vele usazohamba angishiye. Ukwenza kwakhe kwenza izinto zibe lulanyana kulona ozomelama. Angisafisi okuningi njengamanje, konke wakwenza wakufeza umbhemu lona. Ya uphelile unyaka, izinsuku azifani kokunye ngiyamkhohlwa kancane kokunye ngimkhumbule, all in all angisoze ngakhohlwa la ngibuya khona.
Okwamanje angikho semseni wokuClaima ngithi ngiqomile noma ngithandana no…..kuphela angake ngizincintshe injabulo. Ngizokwenza konke okwenziwayo okuthokozisa umphefumule kuchachambise nomzimba…..
Uma kumele ngiqome kuyoba lula, usekhona ongenza ngihleke uma ngikhuluma naye noma ngimcabanga. Umsangano nami engingazi ngawela kanjani ezandleni zawo. Wangisanganisa ikhanda ungibiza ngesekeni lakhe alishiyelwa uRuru….he had me going right there.
Hhay bo impilo imnandi ngabantu besilisa. Ungadla usuthe, uhole umali igcwale amaphakethe kodwa uma ingekho indoda kuba khona la kushoda khona...ubobuza izingane zoMa.Noma okwamanje izinto zingaba njena, ngiyazi okuhle nomusa kuyangilandela.
Asixhumane kuNtombizenele Mtshali noma ku-zanelewakwamtshali@gmail.com
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.