Durban - Njengokuba bekulindelekile, iTheku selimenyezelwe ngokusemthethweni njengedolobha lokuqala ngqa e-Afrika elizosingatha imidlalo yama-Commonwealth ngo-2022... Sithi halala!!!
Baphawule kanje abafundi:
UZamo Bab'wowele Ngobese uthe: Imisebenzi ye-ANC yonke le siyabonga kakhulu, iTheklu yidolobha lami!!
US'khumbuzo Mashiya uthe: Siyazenzela kwezengqalasizinda bese siphoxwa amaqembu ethu ezemidlalo.
UXolani Khayelihle Hlongwa uthe: Uzozwa nje uma ephela lamaCWG ukuthi uhulumeni ugwazile ukuze awathole ngoba naku 2010 wagwaza ekugcineni abantu baseMzansi bangazuza lutho.ugwaze ngemali yabantu uzophinde futhi adle imali yabantu bedla amatender.
UThokozani Sikhakhane uthe: Halala Durban.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter