Cape Town - UKhisimisi yisikhathi sokujabula, la kuhlangana khona imindeni, emakhaya kugcwale izivakashi ezisuka kude naseduze.
- Ungalivuli ifiliji lami ungafakanga lutho kulo ngoba asikuhlanganiselanga okuphakathi.
- Uma uvakashile, fika negilosa. Ucabanga ukuthi uzodla izinto zikabani?
- Uma uvakashile yisho ukuthi uzohamba nini, futhi usheshe uhambe ngoba sizogcina singasakuthandisisi.
- Uma uvuka qoqa ngoba asizwani namavila kodwa uma uqoqa ungashintshi lutho ngoba kuyacika uma usukhuthele kakhulu.
- Ungazithethisi izingane zalapha ekhaya, uma uzibona sengathi ziphmile esandleni, kulungile zikubo funda ukuzibekezelela.
- Ungafiki namaCD akho, lapha ekhaya kudlala ezethu kuze kuse noma ungazithandi ungalokothi uzishintshe ngoba sizokubuka kabi maqede sikuxoshe.
- Ungayi njalo ethoyilethe, asizwani nephunga esingalijwayele futhi namanzi siyawakhokhela.
- Phatha zonke izinto zakho zokugeza, insipho, iphawu?li lokugeza, njalo njalo.
- Qikelela ukuthi unemali eyanele yokugibela uma usubuyela emuva ngoba besingakubizanga.
* imiyaleli siyathathe ezinkundleni zokuxhumana. Ithini eyakho imiyalelo ongathanda ukuyibekela izivakashi zakho? - isizulu@news24.com
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.