Share

Imizi ifile ngenxa yabantu abangenasikhathi

Cape Town - Omunye wabaphathi bami bakudala emsebenzini, wayejwayele ukuthi uma ngimbuza into ngomsebenzi aphendule athi: "Yekela ukungibuza izinto ezingenagqondo ngoba isikhathi sami sibiza kakhulu".

Yize lokho kwakungizwisa ubuhlungu, kodwa ngaze ngafunda ukuthi ngejwayele.

Ngikusholani lokhu? Isikhathi singenye zezinto eziyigugu esinazo ekumele sizisebenzise kahle, eqinisweni  isikhathi sawo wonke umuntu siyabiza, yingakho nje kumele sisisebenzise kahle.

Sonke siyawazi amahora enza usuku, nezinsuku njalo ezenza iviki, izinsuku ezenza inyanga nonyaka njalo njalo.  Kuyiqiniso izimpilo zethu zamanje zimatasa kakhulu ngoba abazali sebahlala besebenza bengabi naso nesikhathi abangasichitha nemindeni noma nabantwana babo.

Okuyiqiniso ukuthi sikhona isikhathi kukubona nje ukuthi benze isikhathi abazokwazi ukusichitha nemindeni yabo. Kumele bakwazi ukuthi isikhathi abanaso basicaze kahle senele zonke izinto okumele zenziwe.

Funda nalolu daba: Awukho umgqomo wokulahla umuntu 2

Kwesinye sezikole engisaziyo ingane ike yatholela umntwana esikoleni, uma othisha befonela abazali bengane baphika bama ngentaba kuthi ingane yabo ikhulelwe.

Uma seyize yamthola umntwana bathi bebengazange bayibona ngoba babuya emsebenzini bekhathele bese beyolala. Cabanga izinyanga eziyisishiyagalolunye zonke awukwazi ukwenza isikhathi nabantwana bakho.

Angibasoli abazali ngokuba matasa futhi uma bekhathele bayadinga ukuphumula, kodwa phela kukubo ukuthi benze isikhathi sokuhlala nemindeni yabo. Kukubo ukuthi bacane kahle isikhathi bese besisebenzisa kahle lesi abanaso.

Imizi eminingi ifile ngenxa yokungabi nasikhathi kwabazali, ifile imizi ngokungabi nasikhathi kwabantu abaganeneyo. Uthole umyeni noma unkosikazi uhlala ematasa ngezinto zomsebenzi noma ngokwamabhizinisi noma nabangani  noma izinkundla zokuxhumana egcina engasakwazanga ukuthola isikhathi sikankosikazi noma umyeni  wakhe.

Ukusebenzisa kahle isikhathi kusho ukuthi ngesikhathi esincane onaso wenze izinto eziningi, hlela izinto zakho ngokubaluleka kwazo uhlele nesikhathi onaso ukuze zenzeke zibe ziningi.

Yingakho nje ngisho umfundi ebhala isivivinyo kumele ahlele isikhathi azi ukuthi singakanani azosisebenzisa ukuphendula umbuzo ngamunye. Uthole umuntu emosha isikhathi esiningi entweni angayiqondi bese ethi uma eqeda ethi angikwazanga ukuphendula loya mbuzo olula ngoba isikhathi bese siphelile.

IBhayibheli elingcwele  lithi kuMshumayeli 3:3 “Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.” Kukangaki uzwa abantu bethi anginaso isikhathi?

Isikhathi sona sikhona kodwa sidinga ukuthi sisetshenziswe kahle? Hlela izinto zakho ngokubaluleka kwazo uzicanzele nesikhathi ngazinye ngazinye.   







Ungaxhumana nombhali ku: patrickzikalala@yahoo.com


Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
33% - 392 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
67% - 814 votes
Vote
Rand - Dollar
19.10
+0.3%
Rand - Pound
23.68
+0.6%
Rand - Euro
20.37
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.27
+0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
944.10
-0.7%
Palladium
1,030.50
+0.1%
Gold
2,391.28
+0.5%
Silver
28.55
+1.1%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE