Share

Iningi lihamba noZondo nasesikhathini sezilingo

Cape Town - Impela akuyiwa nganxanye kungemanzi, kodwa iningi labantu likhombisa ukumeseka uPostor Zondo wodumo lwezinkulumo ezikhuthaza abantu. 

Kuthe kuqala isonto kwasabalala i-video eveza ubuze bakhe lo mfundisi wodumo, ehla enyuka endlini yakhe ekhuluma neselula, kukhona owesifazane khona lapho endlini.

Funda nalolu dabaKahleni ngamatshe, unenzeni uZondo?

Abantu bazwakalise imibono yabo-ke ngesikhathi sibabuza ukuthi ngabe bazoya yini enkonzweni yakhe ngeSonto nokuthi yini abayilindele ngemuva kokuputshuka kwe-video.

Olunye ucwaningo luveza ukuthi bangu-33% abefundisi abenza izinto eziwukungcola nabesifazane abangashadile nabo kodwa bagcine ngokungabanjwa.  

Lezi zibalo zisho lukhulu, ngoba ziveza ukuthi baningi abefundisi abangathembekile kuNkulunkulu nakumakhosikazi abo  - uma beshadelwe, kucashunwe

Nansi eminye imibono yabafundi bethu:

Sanele Chris Gumede: Yebo mina ngikhonza naye uS. Zondo futhi ngeSonto ngizoya enkonzweni, ngeke ngibenankinga ngoba phela ukwehlulela akusikho okwami, munye kuphela umehluleli,  uJesu Khrestu. Futhi uma ngiya enkonzweni ngisuke ngingayile kuZondo #Amen.

Sandile Mnguni KaPhakathwayo: Akekho umuntu olunge ngokuphelele...Wonke Umuntu unezinto zakhe azenza eceleni...Akuyekelwe Uzondo.

Iizzy Gamede:  UZondo ubengekho ethaveni bakithi kodwa ubesendlini ekhululekile njengawo wonke umuntu uma esendlini nomuntu wakhe. Ayikho into embi ayenzile futhi sisazoqhubeka kakhulu nokumlalela. Siyakweseka Zondo, ungapheli amandla.

Ungangena ekhasini kuFacebook- IzindabaNews24 - ubheke ukuthi batheni abanye abafundi bethu ngalolu dababese nawe ubeka owakho umboni khona noma usithumelele ku-isizulu@news24.com.

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 518 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 541 votes
Vote
Rand - Dollar
19.11
+0.4%
Rand - Pound
23.80
-0.4%
Rand - Euro
20.46
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.40
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
920.40
-1.1%
Palladium
1,026.50
+1.1%
Gold
2,322.61
-0.2%
Silver
27.34
+0.6%
Brent Crude
87.00
-0.3%
Top 40
68,051
+0.8%
All Share
74,011
+0.6%
Resource 10
59,613
-2.2%
Industrial 25
102,806
+1.7%
Financial 15
15,897
+1.8%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE