Share

Isihogo singesamaKristu

Durban - Uthi lo mfundisi oshumayelayo “uma niqhubeka nokudla isono sakulo mhlaba, sibekiwe isihogo ngomhla wokuphela lapho uyokusha emlilweni nguna phakade, kodwa uma wamukela uJesu njengomsindisi nomphelelisi wempilo yakho uyakuya ezulwini lapho kunenjabulo nendumiso enguna phakade”…

Sengiyazibuza-ke mina njengeNtshebe, kazi uyazizwa kahle ukuthi uthini lo mfundisi?

Asiqaleni la, uma amaKristu ecabanga ukuthi inkolo yawo esuselwe emfundisweni kaJesu yiyo kuphela esiholela eZulwini, asivumelane nanokuthi yiyo futhi esiholela esihogweni.

Loko ngikushiso ukuthi ezinye izinkolo zezizwe eziningi azinaso isihogo, isihogo sakhelwe amaKristu aphambukile ebuKristwini bawo hhayi abantu bonke abangesiwo amaKristu.

Kubiza ukuthi ngibe umKristu kuqala ukwamukela umbono weZulu nesihogo. Ngale kwaloko angihlangani nesihogo uma ngingesiyena umKristu.

Ngokwezibalo zezinkolo emhlabeni jikelele kweziyishumi ezilandelwa kakhulu ngokokulandelana kwazo eyobuKristu iyona ezihola phambili kuze eyobuSulumane kuze eyobuHindu kuze eyobu-Buddhism bese kugcina ebizwa ngeSikhism.

Zonke lezinkolo zinamandla kakhulu kanti noNkulunkulu zimchaza ngezindlela ezihlukile. NgokwamaKristu zonke lezinkolo ziya esihogweni ngoba aziyingeni ekaJesu…kwahleni bo!

Ukuze kube yingxenye yabantu abazoya esihogweni kumele ube ulikhethile ibandla ozolilandela elinesihogo ezimfundisweni zalo kungenjalo angeke uye esihogweni uma ungazihlanganisile nhlobo naso.

Isihogo esawo amaKristu aphambukile okholweni lwawo, mina njengoba ngingasonti ndawo angihlangene noJesu neZulu nasihogo. Kubiza ukuthi ube yikholwa, hhayi noma liphi nje kepha umKristu ukuze uye esihogweni noma eZulwini.

Nale yenguna phakade iyangidida mina kodwa ngiyazi bazothi ngenziwa yintshebe kanti cha-bo. Uma umvuzo wokukholwa enkolweni yobuKristu ukuyohlala nje kudunyiswe uJehova kuze kube phakade ngakolunye uhlangothi kunabantu abashayo esihogweni nguna-phakade…aykhona! Ngingalunga isonto lokuqala kusha indumiso, inyanga ngingayiqeda ngingasafuni lutho, unyaka ngingabe sengifile (kodwa kuthiwa akufiwa), iminyaka embalwa ngingacela ikhefu noma kengiyolunguza esihogweni ukuthi zikhiphani…hha! Ngethi kunzima amahora amabili nje enkonzweni yangesonto.

Lento yenguna phakade angiyizwa kahle ukuthi ichaza ukuthini yize iye itolikwe ngokuthi umshayushile ongenamkhawuko. Izulu nesihogo yizindawo ezisungulwe umuntu (human being) ngenkathi edidiyela inkolo. Ngikhule ngazi kakhulu inkolo yobuKristu nokuyiyo evama ukukhuluma lendaba yezulu nesihogo.

Uma ngikhula ngokomqondo ngiye ngabona ukuthi kukhona nezinye izinkolo ngaphandle kobuKristu.






Ungaxhumana noSibongiseni ku-sbmvula@gmail.com

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – 
"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
39% - 92 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
61% - 143 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
-0.9%
Rand - Pound
24.05
-0.6%
Rand - Euro
20.56
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.38
-0.2%
Rand - Yen
0.13
-0.8%
Platinum
894.64
-0.3%
Palladium
992.99
-0.9%
Gold
2,198.42
+0.2%
Silver
24.47
-0.7%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
67,986
+0.5%
All Share
74,202
+0.4%
Resource 10
56,458
+1.4%
Industrial 25
103,645
+0.4%
Financial 15
16,496
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE