isiZulu

Isiyabanukela eyeCarling - Umbono

2012-06-22 12:03
Cape Town - Isiqalile ukuzwakala imvunge ngeCarling Black Label Cup, eba phakathi kwe-Orlando Pirates , okumanje iphethe isicoco, neKaizer Chiefs.

Abafundi sebeqalile ukukloledelana.

UBonginkosi Mthembu uthe: Ibhakabhaka yilona qembu elihamba phambili kuleli.

UThulani Mdletshe uthe: Nakanjani le ndebe eyeBhakajuju.

UBonkakonke Shelembe uthe: Kubona nanoma ngubani ukuthi inkunz'emnyama iyahlaba.

UMajazi Jazi uthe: Indebe izoba kubanikazi bezindebe, ezomnyama ngenkani.

UScelo Nkwanyana uthe: Ngokuhlaba kanye, usuhambela phezulu?

Indebe eyeChiefs.

UCelinhlanhla Madziba uthe: Kwandebe nayo iyazisho....imnyama ngenkani.

UBongani Thango uthe: Shapa khosi Shapa.

USiphiwe Masuku uthe: Bhakajuju nakanjani.

UThobani Msimango uthe: Khosi 4 life.

UZaza Mbele uthe: Kulokhu Bhakabhaka uzokhala ngaphansi, lifikile iKhosi, abafana nokuthula noxolo.

USphiwe Ngcobo uthe: Thatha Mpofana.

UJerome Mtshali
uthe: Uyabona umuntu ongumlandeli weChiefs akahlukene nomuntu ohlushwa umfazi ehlala naye noma umuntu owathatha imali kamashonisa.

UNash Ngcobo uthe: Seningakhuluma nje maBhakabhaka ngoba ukukhuluma kwabekwa, kubhakuza izifuba kumanje lifikile iKhosi lingenisa okomfula ungenisa uza nezigodo.

USkhumbuzo Shoba uthe: Njenge Khosi 4 life ngithanda ukuxwayisa abalandeli baMakhosi.

Uma bevotela abadlali, abangavoteli umdlali oselishiyile iqembu lethu, kwasilimaza kakhulu lokhu ngesizini edlule, abalandeli beChiefs bavotela uPunch Masenamela, bamfaka ohlwini lwabadlali abazoqala umdlalo, ngalesosikhathi wabe esesayine kwiSundowns.

Ngithi kulokhu kumele sibophele iqembu eliqine ngempela. RIS KHOSI RISE...!



Thumela umbono wakho ku-isizulu@news24.com

 Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

 



News24

Ezinye izindaba e- Izindaba Zami

«Emuva
Ad:Funeral Cover from R29/m