Share

'Iyanginyanyisa into eyenziwa aboKhozi FM'

Cape Town -  Mhleli ngisacela usibhulele nangu umlilo udlanga bo ezindlini zomsakazo UKhozi FM.

Sezwa uhlelo lomculo wesintu sakithi selushayelwa abantu abangazi lutho ngesintu (BK), lokho kwangithusa kakhulu.

Into eyenziwa emsakazweni uKhozi FM ikhombisa ngokusobala ukuthi abanandaba nokuthi abalandeli bathini, badaza inkani ngaso sonke isikhathi.

Ngeke kwangithusa ngelinye ilanga sengizwa umsakazi onjengo Chilli M eseshayela uhlelo lukauMaskandi kulo msakazo oyisikhondlakhondla.

Kodwa-ke asidlule lapho, into engidina kakhulu nesingime emphinjeni yileyo eyenziwa abasakazi baMaskandi, uNgizwe “Zulu Chamer” Mchunu noBheka “BK” Mchunu, yokuthi bayeke umsebenzi abawuqashelwe okungukuqhakambisa abaculi bamaMaskandi.

Laba basakazi into abayenzayo nje ukuthi bazigqamise bona noma ngithi nje madumise isibongo sabo emsakazweni wesizwe.

Kungethusile ukuzwa ukuthi sekunebika elithi “Thina singama Chunu ini ini”. Pho uma bengamaChunu thina singenaphi lapho?

Lento abayenzayo ibasiza kuphi noma ngani nje ngempela abanye abaculi?

AmaSATMA asemnyango, mina ngithi ngeke ngimoshe ivoti lami ngivotele oNgizwe noBK, kunalokho ngingamane ngivotele umsakazi omusha onikwe owokuphatha uhlelo ‘iLavutha iBhayi’ kuMhlobo wenene FM, uGudla.

Mina ngicela uKhathide “Tshath'ugodo” Ngobe alubambe yedwa lolu hlelo.

Obhalile: Bhekisisa Sosibo.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 1030 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 1093 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.95
-0.7%
Rand - Euro
20.56
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
912.40
-0.8%
Palladium
1,005.00
-2.1%
Gold
2,314.58
-0.3%
Silver
27.17
-0.5%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE