Share

Iyozala nkomoni ngami eKapa?

Cape Town - Uyafika endaweni ulethwe umsebenzi, ekusukeni kwakho ekhaya uyaliwe kaninginingi, utshelwa ukuthi uziphathe kahle ukhulile mawu ngaka futhi uyayazi into ekususe ekhaya....awuyi ukuyoganga la uya khona.

Bakuyala nje, vele nawe ungumuntu owaziyo ukuthi ufunani ngekusasa lakho ungasabhekile elakho kuphela kodwa usunengane okufanele uyibhekelele.

Uyazazi ukuthi ungumuntu wesifazane onesimilo, ozithandayo, okholwayo, othandekayo nozaziyo ukuthi ufunani okwaziyo nokuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile. Akugcini nje lapho, uphuma nasekhaya eliqotho.

Wathi usahlela ngohambo lwakho wahlangabezana nezigigaba eziningi kodwa ngoba uyayifuna le nto uzokwenza ngokusemandleni akho ukuya kule ndawo ufeze amaphupho akho, ukhule uthole ulwazi, ugcine nawe ukwazi nokuzimela njengoba phela uqala nokuphuma ngaphansi kwesandla sabazali.

Naso ke isiyalo esikhulu kunazo zonke...Ungaqomi!

Ungafike uqome, udlale abafana baseKapa...omunye uze wathi: "uma usuqomile ubongishayela ucingo ungazise uma sekonakele". Empeleni-ke ukuqoma yinto engeke yenzeke futhi ayikho nasezinhlelweni.

Siphikisane siqophisane wena owabona emjahweni wamahhashi kubhejiwe. Aqhubeke ongiyalayo athi angingaphiki kuphela angibhasobhe nje abafana, indlala nemizwa.

Mina ngokwami angikayiboni into ezongenza ngiqome, isizungu kwasona asikangivuseli imizwa engenza ngifune indoda.

IKapa lona lihle linobukhazikhazi obedlula nobeGoli kodwa nginesimilo nonemembeza futhi angikaze ngikwenze okubheke eceleni - nginobaba wengane engimthandayo nengazi yena qwaba.


Uma kwake kwenzeka walahla, ngingajabula ukuzwa ukuthi kuqala kanjani. Yini le esuke isinzima kakhulu usuhluleka ukulinda ubekezelele umuntu omshiye ekhaya la usuka khona.



Asixhumane kuFacebook noma ku-fikile.ndaba@24.com

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
63% - 209 votes
No! It's time to move on ...
37% - 123 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+1.1%
Rand - Pound
23.78
+0.7%
Rand - Euro
20.39
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.41
+0.6%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
916.00
+0.4%
Palladium
1,006.00
+0.1%
Gold
2,328.74
+0.6%
Silver
27.38
+0.8%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,438
-0.2%
All Share
74,385
-0.2%
Resource 10
61,594
+1.9%
Industrial 25
102,928
-1.0%
Financial 15
15,826
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE