Share

Kulotsholelwani kabili?

Cape Town - Le nto yesizwe esinsundu sokugxamalaza sithake usikompilo isibuyisela emumva.

Ngiphefumula kanjena nje ngikhala ngezimali ezishisiwe ezichithwa uma kugananwa.

Kugcinwa uma uqoqela konke ndawonye kukhipha imali engalobola abafazi ababili.

Uma uthatha isinqumo sokuganwa, uyashela, uqonywe bese uqala umshikashika wamalobolo. Ufike ulobole uzishaye ziphele zoshumi nanye (11) bese uphinda weleka ngemicimbi edla ekhukhwini okuyizindleko ezingabalwa emalobolweni.

Uma singabheka inani lenkomo enoboya namuhla ziqala ezinkulunganeni eziyisikhombisa zama-randi (R7 000) kuya phezulu iyinye.

Uma singenza nje ihaba sithi inkomo iyodwa ibiza izinkulungwane eziyishumi zamarandi (R10 000) kushukuthi umuntu kumele engabe ulotsholwa ngezinkulungwane eziyikhulu neshumi zamarandi (R110 000) uma elotsholwa ngezinkomo eziyishumi nanye.

Ngisebenzise ihaba ngoba angehlanga nazo ngoba azilingani, kuqala enkulu zehle njalo kugcine encane.

Uthi ke usizishaye zaphelela lezinkomo eziyishumi nanye bese uphinda uqashe indawo yokushadiselwa (isonto nehholo), uthi usavithizwe yindawo uphinde uvithizwe abantu abazokuphekela nabazokunandisela, uphinde uhleshulwe yinani lezindandatho.

Hhebuya baba, bekunganani ngivele ngilobole abafazi ababili ngihambe ngiyobhalwa nabo kungabikho mcimbi?

Lezi zindleko ezingaveli emalobolweni zinomkhulu umthelela ekutheni amabhungu amaningi agcine elobole uhhafu engaqedi.

Ngiyaye ngizibuze ngiziphendule ukuthi ngabe ngidle obamaganu yini ngingaze ngithengele unkosikazi wami indandatho ebiza ngaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi amabili zamarandi (R20 000).

Kodwa mhlambe vele nokucabanga kwami kwenziwa ukuthi ngidla imbuya ngothi.

Lezi zindleko zifana nokulotsholiswa kabili. Uma kungukuthi ukulobolelana kusathathwa njengendlela yokuxhumanisa imindeni nokuphemba ubuhlobo yini pho kungathiwa azididiyelwe zibuthelwe ndawonye masekuqediwe ukulobolelana bese zicezulwa phakathi okunye kukhokhwe ngabakubo kwamakoti okunye kukhokhwe ngabakwamkhwenyana.

Ngoba le nto yokuqashwa kwezinto zosuku lomshado zibiza ukwedlula ilobolo lilodwa.

Okungenza ngigcine sengizibuza ukuthi ikuphi kanti ingqikithi yomshado?

Ibhangqelwani imishado emibili yesilungu neyesintu. Yizindleko ezingenasidingo ngoba uma sishada ngokwenkolo sihlanganiswa umfundisi.

Kuqala kulezi zinkomo ezilishumi nanye ezikhishwa uma kulotsholwa intombi-nto zazibaluleke kabi ngoba zazibamba iqhaza elikhulu ngosuku lomcimbi.

Akunahholo eliqashwayo ngoba kusetshenziswa isibaya nededangendlale wesigcawu lapho kugcotshwa khona intombi ibe ngumfazi nendoda ibe ngumnumzane. Kungenwe egcekeni sekwabiwa. Lezi zinto zesilungu zisifake ehlathini kakhulu.

Ngenxa yokwenzela ukubukwa yonke into ebonakala ngosuku lomshado ichonywe isamba semali kusukela kuhlobo lwehholo, okhehlegumba bomsindo, izindwangu zokuhlobisa, amalambu, ingubo kamakoti, amasudu abaphelezela umkhwenyana, yizingubo zezimpelesi zikamakoti kuze kubalwe nethimba lezimoto elithutha izethameli, ithimba nekhetho.

Le mishado emibili ilibhoboza iliqede iphakethe buyeke iningi lethu selaphenduka amakholwa konke esikwenzayo siyagxamalaza sibambe ngapha nangapha yize ukugxamalaza kwethu kusimba eqolo!

Abantu abangamakholwa kumele basungule usiko lokukholwa olucacisa ngendlela yokuganiselana, uhlelo oluzocacisa ngamalobolo nendlela yokwenza ngoba ngikubona kushayisana kakhulu ukudibanisa isikholwa nesintu.  

Nansi i-email kaSibongiseni uma ufuna ukuxhumana naye:sbmvula@gmail.com.


Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 547 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 788 votes
Vote
Rand - Dollar
18.90
+0.2%
Rand - Pound
23.85
+0.2%
Rand - Euro
20.39
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.31
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.1%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE