isiZulu

Kumapeketwane ngama-network - Umbono

2012-08-01 16:49
Cape Town - Abakwa-Independent ad Network InMobi bathi abantu abangu-70% baseNingizimu Afrika, abathokozile ngenkampani yezokuxhumana abayisebenzisayo.


Kuthiwa abantu abaningi bafisa ukushintsha i-network abayisebenzisayo.

Abafundi baphawula ngama-network abawasebenzisayo.

UThobisani Perfect uthe: Mina bengisebenzisa u-MTN kodwa ngenxa yokubheda kwenzinto ngawo sengisebenzisa uVodacom.

UBukelani Mbulazi OMnyama uthe: Okwamanje ngisebenizsa u-MTN kodwa sengizoshintshela ku-Cell C.

UMlungisi Makhaza uthe: Mina ngisathokozile angiyiboni inkinga nge-network engiyisebenzisayo.

UDennis Mabena uthe: Okwamanje ngisajabulile ngisebenzisa ama-network amabili.

USihle Khwela uthe: Mina nginenkinga no-MTN, ngicanaga ukushintshela kuVodacom.

UBongani B Mkhaliphi uthe: Mina sengawashintsha ngacishe ngawaqeda lama-network, akuhp lana ngithola ukusizakala khona.

UMhlonishwa Shimela Sibiya uthe: U-Cell C awenzi neze umsebenzi ngendlela, noma ungafaka isikhalazo ababuyeli kuwe, benjalo badayisa izinombolo zabantu ezinkampanini ezikhangisayo.

UXolani Mazibuko uthe: U-Cell C muhle kakhulu kanye no-Vodacom udonsa yonke indawo awunayo inkinga.

UThulani Mdletshe uthe: U-MTN akuve uphoxa, uze ukwazi ukufona kahle ngo-21:00, lapho amanani athi ukwehla kancane.

UCyaz T-Lord Mphephethwa uthe: Ngithi Ayoba kuk-MTN.

UMxolisi Wela uthe: Mina ngisebenzisa u-MTN nakuba ubuye ungangenelisi kodwa angiziboni ngiwushiya ngoba sesiside isikhathi ngiwusebenzisa.

USiphiwe Love Khumalo uthe: Bengingomunye ongathokozile, kodwa namuhla u-Cell C uthande ukungijabulisa kakhulu, kusukela namuhla sengingakwazi ukuthenga i-data bundle engu-12MB ngobala nje olungu-R1 50.

Ngingafonela noma ubani ngo-99 senti ngomzuzu, pho ngizothi ngisakhalelani?

Ngithi Power kumnumzane Alan Knott-Craig ngokusikhulula, ufika nje kwa-Cell C sewenze omkhulu umehluko, izinyanga ezine qha ukhona.


USiphiwe Zama-kaZwide Masuku
uthe: Ngisebenzisa u-MTN noVodacom, uVodacom unenkinga, angigculisekile ngihlezi ngilahlekelwa yi-network.

UKhanyisile KI Mtshali
uthe: U-Vodacom unayo wona inkinga, kokunye angikwazi ukuxhumana nabantu.

UMdu Zwane uthe: U-Vodacom ubheda kakhulu nicabanga ukushintshela ku-Cell C.

UThabiso Zungu uthe: Mina ngesebenzisa u-Vodacom kodwa sengikhale kakhulu kubo ngokuningi, ungafunga bangosopolitiki ngendlela abakwazi ngayo ukukuyenga belalisa ulimi.

UNkoh C'hle uthe: U-MTN uyabheda kakhulu ngeke ngufihle lokho.

UMzongafi Sokhela Sbind'uyabulala uthe: Selokhu ngasebenzisa u-Vodaco kudala futhi wenza kahle noma usungiphoxa ngezinye nje iznti ezingatheni.

UNontlahla Patricia uthe: Mina ngiphethe u-Cell C, nokuyiwo ongiphethe kahle kakhulu no-MTN nawo ngiyawuthanda kakhulu ngezimpelasonto.

UZwelisha Sikhumbuzo Mhlongo uthe: Lokhu ngasebenzisa u-Vodacom awukaze unginike nkinga iphelile iminyaka engu-15 manje ngiwusebenzisa.

USipho Brown uthe: Singaya le nale uMTN uzihambela wodwa, nginawo womathathu lama-network, uCell C ubheda kakhulu, uVodacom uyazama kodwa hhay u-MTN ngiyawuvuma, Ayoba!!!

UNkosinathi Mhlongo uthe: UVodacom senguwusebenzise iminyaka engu-9 egcwele, uyabheda, yonke into yakhona imba eqolo.

UThandeka S'biya uthe: Angiwuufni u-Vodacom uyabheda.

UBongiwe Mbambo uthe: UVodacom ubuye ungayitholi i-network, ikakhulu emakhaya, uyinking akakhulu.

 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

 



News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)