Share

Kumele bahlawulwe o-Ayanda, Zookey noZaba

Durban - "Ukuthi uzovuma noma uzophika njengoba kunjena nje, kuphela nje, ngifuna inkomo yami, ngifuna inhlawulo yami. Lo muntu uzovuma noma uzophika uma sekunjena nje, kuphela nje ngicela inkomo yami, ngicela inhlawulo yami," ongathi akalazi leli culo ngabe uyaganga.

UZaba Simbine, Ayanda Melansi noZookey Zarling kanjalo noSthandwa Nzuza (uma naye kuyiqiniso ukuthi ukhulelwe), kumele batshele abantu babo bayobahlawula emakubo njengoba bengashadile nje.

Kubalulekile kimi ukuthi ngiphume eceleni ngingafani nabangani babo ababashayela ihlombe noma bengasenzi kahle.

Lezi zintokazi zingabantu esibukela kubo nesibahloniphayo njengomakhelwane nomphakathi.

Njengoba nje zikhulelwe zingakagani, lokho kuyahlambalaza uma ubheka ngelinye iso.

Funda nalolu daba: Azibizwe ngezibongo zazo izingane

Sekuhleli obala ukuthi osaziwayo bethu abawafuni ngenkani amakhondomu. Bona ngoba bathwele izisu ngapha nangapha, uma ngingababala kungasa emnyango.

Akumele senze iphutha sikushayele ihlombe ukukhulelwa kwamantombazane engaganile.

Nokho-ke siba khona isithunzana esiba khona uma intombazane izalisiwe yase ihlawulwa.

Njengoba-ke osisi laba, ngaphandle kukaSthandwa, bebukisa kangaka ngezisu zabo ezinkulu, sojabula uma sithola ukuthi izinto bazenze ngendlela enesizotha nencamelekayo, izingane zahlawulwa.

Umbuzo ongafuni ukuphuma ekhanda owokuthi bonke labantu abakhulelwayo bayawahlola yini amadoda ngaphambi kokuthi kulalwe nawo.

Kungenzeka vele ngingena izindaba zabantu kodwa angeke singakhulumi sibona abantu belalana udede ekubeni izifo zingazibekile phansi.

Amantombazane asakhula kumele afunde kini bo sisi abadala ukuthi kuyalindwa futhi izinto zenziwa ngendlela.

Izinhliziyo ziyoxola uma ningamithisananga kwase kuphela kanjalo, okungenani-ke uma amasoka enganishadaga, awahambe ayohlawula, kugezwe imizi amadoda.



Asixhumane kuFacebook, Izindaba Mamgobhozi

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 1003 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 1038 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.92
-0.6%
Rand - Euro
20.54
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
915.50
-0.5%
Palladium
1,009.50
-1.6%
Gold
2,323.10
+0.1%
Silver
27.24
-0.2%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE