Durban - "Ukuthi uzovuma noma uzophika njengoba kunjena nje, kuphela nje, ngifuna inkomo yami, ngifuna inhlawulo yami. Lo muntu uzovuma noma uzophika uma sekunjena nje, kuphela nje ngicela inkomo yami, ngicela inhlawulo yami," ongathi akalazi leli culo ngabe uyaganga.
UZaba Simbine, Ayanda Melansi noZookey Zarling kanjalo noSthandwa Nzuza (uma naye kuyiqiniso ukuthi ukhulelwe), kumele batshele abantu babo bayobahlawula emakubo njengoba bengashadile nje.
Kubalulekile kimi ukuthi ngiphume eceleni ngingafani nabangani babo ababashayela ihlombe noma bengasenzi kahle.
Lezi zintokazi zingabantu esibukela kubo nesibahloniphayo njengomakhelwane nomphakathi.
Njengoba nje zikhulelwe zingakagani, lokho kuyahlambalaza uma ubheka ngelinye iso.
Funda nalolu daba: Azibizwe ngezibongo zazo izingane
Sekuhleli obala ukuthi osaziwayo bethu abawafuni ngenkani amakhondomu. Bona ngoba bathwele izisu ngapha nangapha, uma ngingababala kungasa emnyango.
Akumele senze iphutha sikushayele ihlombe ukukhulelwa kwamantombazane engaganile.
Nokho-ke siba khona isithunzana esiba khona uma intombazane izalisiwe yase ihlawulwa.
Njengoba-ke osisi laba, ngaphandle kukaSthandwa, bebukisa kangaka ngezisu zabo ezinkulu, sojabula uma sithola ukuthi izinto bazenze ngendlela enesizotha nencamelekayo, izingane zahlawulwa.
Umbuzo ongafuni ukuphuma ekhanda owokuthi bonke labantu abakhulelwayo bayawahlola yini amadoda ngaphambi kokuthi kulalwe nawo.
Kungenzeka vele ngingena izindaba zabantu kodwa angeke singakhulumi sibona abantu belalana udede ekubeni izifo zingazibekile phansi.
Amantombazane asakhula kumele afunde kini bo sisi abadala ukuthi kuyalindwa futhi izinto zenziwa ngendlela.
Izinhliziyo ziyoxola uma ningamithisananga kwase kuphela kanjalo, okungenani-ke uma amasoka enganishadaga, awahambe ayohlawula, kugezwe imizi amadoda.
Asixhumane kuFacebook, Izindaba Mamgobhozi
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.