Uyabaona-ke uma sikhuluma ngokubulala ngokungenhloso, yilokhu okwenzeka kulo mlisa owashayisa amatekisi amane nezimoto kwashona abantu ePinetown.
Kuyangithusa nokho ukuthi leli cala lilokhu lihlehliswa ekubeni akawaphiki uSanele May amacala okubulala ngokungenhloso.
Kunalokho umshushisi uthi kumele kucutshungulwe ukuvuma kukaMay ukuthi wabulala ngokungenhloso.
Ngibona sengathi leli cala lizokwenza enkulu inzondo eNingizimu Africa.
Kusanda kuphuma phambili umsubathi owadubula intombi yakhe wayibulala, u-Oscar Pistorius.
Ngikholwa ukuthi kunomehluko omkhulu phakathi kwala macala. Umsubathi wadubula waze waphindelela, kanti uMay washayisa abantu kanye yize noma kwashona inqwaba.
Okuhlekisayo ukuthi kuthiwa wababulala ngokungenhloso nengikholwa ukuthi iqiniso, kodwa ugcinwe esitokisini.
Ngiyazwelana nemindeni eyalahlekelwa yizihlobo,kodwa ngikholwa ukuthi wayengaqondile ngempela ukubabulala.
Kungangiphoxa ukubona uMay egwetshwa isigwebo esingaphezulu kwesika Oscar, kanti futhi lokho kungasho lukhulu ngezwe lethu uma sekukhulunywa ngokwebala.
Umbono wami lona,
Boyfriendie Boh Koritjaas
Umhlali waseThekwini.
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.