Share

Kumele ukuthokozele ukuba nomnakwenu

Cape Town - Emlandweni wami namadoda, abukho ubudlelwano obaba mnandi njengalobu engangizazi kubo ukuthi angingedwa.

Kukhona konke engangikwenza noRuru, ngangazi ukuthi ubuye aqhubeke ayokwenza naku mnakwethu, kwamagama awakhulumayo, uyawasho nakumnakwethu kodwa ngangiphatheke kahle ngendlela yokuthi ngangithanda kwamnakwethu imbala.

Kwakuthi uma kwenzeka umnakwethu enyathelene amakhona nesithandwa sethu, kube yimi osipholisayo ngishwelezele umnakwethu.

Kwakuthi uma siphuma siya ezitolo, ngiqinisekise ukuthi okuningi indoda engenzela kona, iyamenzela nomnakwethu.

Umnakwethu uwudokotela mina ngiwungqesta, ungabuzi ukuthi indoda iyini....

Funda nalolu daba: Iba wo mawengane awushadiwe

Indoda yethu sasiyenza ibe phakathi komhlane nembeleko.

Kuyavuselelana (motivate) ukuzazi ukuthi awuwedwa endodeni, uma ucabanga ukuthi uwedwa kubalulekile ukuthi lokho kungakungeni kakhulu emqondweni, uthandane nayo sengathi uyazazi ukuthi awuwedwa.

Uma uzazi ukuthi unezimbangi, uyakucophelela ukwenza kwakho futhi uyazama ukuthi uhlale njalo usolimini nasemqondweni kanjalo nasenhliziyweni yendoda.

Okunye ukwenzekayo uma uzazi ukuthi awuwedwa, uyakwazi ukufunda umnakwenu bese kuthi la abuthaka khona wena uqine, uma kwenzeka ephakama wena wehle, uma engapheki wena uphekele indoda kuthi uma kunezitayela angazenzi wena ufeze amaphupho endoda uzenze.

Kokunye abantu bake bacabange ukuthi umuntu uqoma indoda yomuntu ngoba efuna ukuyidla igcine ngakuye, akuhlale kunjalo zikhathi zonke.

Kokunye uhlangana nomuntu okwenza waneliseke nxazonke, bese usale usuhlala uthandane naye ngoba uyayishintsha impilo yakho akwenze uzizwe ungumuntu futhi ungaswele.

Kunamadoda akwazi ukukwenza ungabheki umnakwenu kodwa ubheke wona, uthi uma ucabanga umnakwenu umthethelele umbone ukuthi kwayena uhlaliswe yinto efanayo nekuhlalise endodeni yenu.

Angithi sihlale sithi akekho ofuna "umgodi onganukwanja", manje yini ucabange ukuthi lokhu okukudonda endodeni kubonwa wuwe wedwa?

Eqinisweni akusibo bonke abantu abaqoma amadoda abantu abangamadungamuzi, ayiphele le mpi yokuhlaselana kwabantu besifazane. Kunokuthi ulwisane nomnakweni, uma ungathandi ukubhanqwa buza ukuthi uyanelise kangakanani indoda kuze uzoba "ntombeziningi"ube uwedwa.




Asixhumane ekhasini le Facebook Sis'Omdala noma ku-zanelewakwamtshali@gmail.com 

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 941 votes
No! It's time to move on ...
33% - 459 votes
Vote
Rand - Dollar
18.81
+1.1%
Rand - Pound
23.51
+1.2%
Rand - Euro
20.13
+1.4%
Rand - Aus dollar
12.29
+0.9%
Rand - Yen
0.12
+2.5%
Platinum
922.00
-0.4%
Palladium
960.50
-3.0%
Gold
2,337.40
+0.2%
Silver
27.18
-0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE