Share

Kunzima ukwamukela ezinye izinto emhlabeni

Cape Town – Emhlabeni kunezinto ezinzima ukuzamukela kodwa okumele nakanjani sigcine sizamukelile ngoba ziyingxenye yempilo.

Iningi labantu kusenzima namanje ukuthi bamukele ukudlula emhlabeni kwamalungu omndeni nezihlobo nokuyinto abangasoze bayiguqula kodwa ngokuhamba kwesikhathi bayadlula kuyona yize bengamukelanga.

Nakuba kunjalo kunezinye izinto ezithinta impilo kodwa abantu abasakuthola kunzima ukuthi bakujwayele.

Phakathi kwezinye zalezi zinto ezangamukeleki kalula kubantu wukuthi indodakazi yakho eneminyaka engu-18 ubudala isiyajola, wukukhulelwa kwendodakazi nokunye okuhambisana nokukhula kwengane yakho.

Kunabanye abazali okusenzima ukuthi bamukele ukukhula kwezingane zabo nokubenza bazigade ngokweqile baze bazithathele nezinqumo.

Umbuzo okhona uthi yini edala kube lukhuni kubantu ukuthi bamukele izinto abangenawo amandla kuzona.

OLUNYE UDABA: Ubulale intombi ongavumanga ukwamukela ukwaliwa

Igama lokwamukela linzima kakhulu kodwa ngenxa yesikhathi esiphila kusona kubalulekile ukuthi ezinye izinto sizamukele ngoba kuyacaca ukuthi ngeke siziguqule ngokwethu.

Ezinye zezinto abantu okunzima ukuthi bazamukele wukuthola ukuthi onina sebenamasoka, ukuba khona kwezitabane nezinye.

Odokotela bengqondo bavamise ukuthi ukwamukela kukhulula wena emoyeni kunesimo obhekene naso ngoba ukuzicasukela akusizi ngalutho.

Nakuba kunzima ziningi zinqumo ezithathwayo okumele sigcine sizamukelile ukuze sikwazi ukuqhubeka nempilo.

Okubuhlungu wukuthi ezinye zalezi zinqumo zithathelwa thina ngabanye abantu bese kumele sizamukele futhi siphile ngaphansi kwazo. 

Sengiphetha kumele samukele singabantu ukuthi impilo iyashintsha futhi okwakwenzeka ngama-80s akusafani nokwenzeka esikhathini samanje.   


    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
43% - 47 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
57% - 62 votes
Vote
Rand - Dollar
19.08
-0.9%
Rand - Pound
24.03
-0.6%
Rand - Euro
20.57
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.38
-0.2%
Rand - Yen
0.13
-0.9%
Platinum
890.97
-0.7%
Palladium
988.99
-1.3%
Gold
2,195.56
+0.0%
Silver
24.43
-0.9%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
67,885
+0.3%
All Share
74,077
+0.2%
Resource 10
56,208
+1.0%
Industrial 25
103,636
+0.4%
Financial 15
16,471
-0.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE