Iningi labantu kusenzima namanje ukuthi bamukele ukudlula emhlabeni kwamalungu omndeni nezihlobo nokuyinto abangasoze bayiguqula kodwa ngokuhamba kwesikhathi bayadlula kuyona yize bengamukelanga.
Nakuba kunjalo kunezinye izinto ezithinta impilo kodwa abantu abasakuthola kunzima ukuthi bakujwayele.
Phakathi kwezinye zalezi zinto ezangamukeleki kalula kubantu wukuthi indodakazi yakho eneminyaka engu-18 ubudala isiyajola, wukukhulelwa kwendodakazi nokunye okuhambisana nokukhula kwengane yakho.
Kunabanye abazali okusenzima ukuthi bamukele ukukhula kwezingane zabo nokubenza bazigade ngokweqile baze bazithathele nezinqumo.
Umbuzo okhona uthi yini edala kube lukhuni kubantu ukuthi bamukele izinto abangenawo amandla kuzona.
OLUNYE UDABA: Ubulale intombi ongavumanga ukwamukela ukwaliwa
Igama lokwamukela linzima kakhulu kodwa ngenxa yesikhathi esiphila kusona kubalulekile ukuthi ezinye izinto sizamukele ngoba kuyacaca ukuthi ngeke siziguqule ngokwethu.
Ezinye zezinto abantu okunzima ukuthi bazamukele wukuthola ukuthi onina sebenamasoka, ukuba khona kwezitabane nezinye.
Odokotela bengqondo bavamise ukuthi ukwamukela kukhulula wena emoyeni kunesimo obhekene naso ngoba ukuzicasukela akusizi ngalutho.
Nakuba kunzima ziningi zinqumo ezithathwayo okumele sigcine sizamukelile ukuze sikwazi ukuqhubeka nempilo.
Okubuhlungu wukuthi ezinye zalezi zinqumo zithathelwa thina ngabanye abantu bese kumele sizamukele futhi siphile ngaphansi kwazo.
Sengiphetha kumele samukele singabantu ukuthi impilo iyashintsha futhi okwakwenzeka ngama-80s akusafani nokwenzeka esikhathini samanje.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.