Share

Kuphi ukuthembeka kwamaKrestu kuleli?

Cape Town - Uvela bembhensele, uyhemu-yhemu, inqolo msila yathi kwenye yezingxoxo ezikhethekile iNingizimu Africa yayiyodonsa kanzima kakhulu ukuzuza inkululeko ukube ezenkolo zasemishini (missionaries) azifikanga kuleli.

Uma ngilunguza imiphumela yocwaningo ngamabandla akhona emhlabeni jikelele inkolo yobuKristu izihola phambili. Yize-ke kungesoka lingenasici, lamabandla amaKristu alokhu eya ngokwanda nemfundiso yawo iyahluka yize enensika eyodwa enguJesu Kristo waseNazaretha.

Kuyaxaka-ke nokho ukuthi uma amaKristu ezishaya isifuba ngemfundiso engcwele kaJehova eyatshalwa nguJesu kungani engafuni pho ukuthi lomhlaba esikuwo ubuswe ngaleyonqubo kunalokho bonke abangamaKristu bavotele lamaqembu ezombusazwe angenansika enguKristu, amaqembu ezepolitiki agqugquzela ezinye izinto ezingahambelani nebhayibheli noma nenkolo yobuKristu.

Umongameli wase United States of America uBarack Obama wake wayithinta lendaba ukuthi kungani bona (eMelika) bengakholelwa kusomqulu wokubusa izwe oncikiswe ebhayibhelini.

Uthi uObama yiliphi ivesi elingacashunwa makubunjwa umthethosisekelo wezwe, ngabe ngu Levitikus othi ubugqila bulungile? Kumbe uDuterenomi othi igxobe ngamatshe umntwana wakho uma ekuhlubuka enkonzweni?

Emva kwaloko lomongameli uzifakele isigcwagcwa kubantu abaningi abanye bemnuka ngokuthi uyiSulumane yingakho engcofa inkolo yobuKristu. Kodwa ke bengidlula nje kuObama into engiyibukayo eNingizimu Afrika ubuxoki bamaKristu ukuvotela amaqembu ezepolitiki anenkambiso eqophisana nebhayibheli.

Akhona amaqembu ezepolitiki anemithetho nenqubo esungulwe isuselwa ebhayibhelini ngokwenkolo yobuKristu. Ngibala iqembu leAfrican Christian Democratic Party (ACDP).

Kungani abantu abangamakholwa, ngaphansi kwenkolo yobuKristu bangavoteli iqembu elisisekelo salo singuJesu?

Emabandleni amakhulu esengike ngawavakashela ngiyaye ngizwe ebala ukuthi impela uJesu useyabuya ekhomba izinkomba eziningi kubalwa nendlela uhulumeni wethu eSA aseziphethe ngayo.

Kuvele kungidide ke ukuthi kanti ubani ovotela lohulumeni uma amabandla ezowugxeka futhi. Iqembu leACDP lisemumva le ngokohlu lwamaqembu avotelwayo kakhulu.

Imiphumela yokuvota ikhomba ngokusobala ukuthi njengoba kuleli sivoda ngokohlelo lwentando yeningi kusho ukuthi uKhongolose uvotelwa kakhulu kunamanye amaqembu okwenza uphathe izwe.

Uma ngiqhathanisa leziphumo ziyaphambana nobuningi bamaKristu kulelizwe, nokungenza ngibone ubuxoki nokungathembeki kumaKristu akulelizwe.

Izwe lizoqhubeka nokukhiqiza inkohlakalo nemithetho egunyaza izenzo ezingahambelani nebhayibheli lobuKristu.

Langalimbe uma uhulumeni engase afake ngokusemthethweni ukuthi amabandla nawo awakhokhe intela loko kuyokwenzeka futhi abangayikuwugcina lowomyalelo bangaboshwa nokuboshwa. Ngoba umthetho ogunyazwa uhulumeni akunamuntu ongaweqa.

Ucwaningo luya ngokujiya,lukhiqiza ulwazi olusha cishe mihla yonke. Loko kwenza uhulumeni abhekane ngeziqu zamehlo namabandla kubangwa amandla kamoya oyingcwele namandla amakhambi nezidakamizwa ezigunyazelwe ukulapha.

Kusanda kushuba kabi umnyango wezempilo kwaZulu Natal uqophisana nomfundisi othandazela amanzi ukuthi “alaphe” igciwane lesandulela ngculazi.

 Yizimo ezinjenganalezi ezingenza ngibone ukuthi amaKristu angamaxoki okugcina ngoba ngendlela amaningi ngawo kumele engabe ekholelwa kuKristu nencwadi imfakazela kungani pho kungavotelwa iqembu lezombusazwe elinomgogodla kumbe isisekelo esinguKristu.

Uze ubone ukuthi abayingeni eyokholo kwiPolitiki wake wezwa kuthiwa kuvulwe ngomthandazo ePhalamende, kuzothandaza bani behlale bejamelene ezinhlamvini zamehlo beqophisana bengcofana bekhombana izici namabala?!

Siya kumaholide ePhasika engazi ukuthi libungazwa ngamaKristu kuphela, izinkumbi zabantu abamnyama zizobe zisabalele nezwe lonke ziyobungaza ukufa nokuvuka komsindisi wabo uJesu Kristu.

Kulezinkumbi zabantu kubalwa nosopolitiki uqobo abazobe bevathe ziphelele, bafakaze ngoJesu kuvuke umoya kube njeya. Evikini lokuqala kuMay siya okhethweni bazobe bevathe ngezivatho zepolitiki sebegaya ivoti isibekwe le kude ekaKristu.


Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 482 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 1067 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE