Capwe Town - Uhulumeni uphezu kwemizamo yokuthi aqinise imithetho ngokubhenywa
kukagwayi, umthetho ohlongozwayo uthi bazotholakala benecala abantu
abazobanjwa bebhema ezindaweni ezinjengasolwandle, isezinkundlelni
zemidlalo, nasemapaki.
Umthetho sivivinywa uthi obhemayo kumele ube buqamama ngamamitha angu-50 kwabanye abantu.
Abafundi babeka imibono yabo.
UNkunzi'yashiqela Makhoba uthe:
Akuvalwe kwakona ukudayiswa kukagwayi.
UNonto Qwabe uthe:
Awu siyabonga mhlawumbe uzosiza lo mthetho.
UNkululeko Mkhize uthe:
Uhulumeni
akasayazi into ekumele ayenze, akanake indaba yama-Labour brokers akhohlwe abafowethu ababhemayo.
UZaza Mbhele uthe:
Kumele
impela awuqinise ngoba abantu abasasihloniphi.
Umuntu uvele awuphafuza
nje ugwayi phambi kwakho, nasotshwaleni akawuqise impela.
Abantu bayaphela
ukulimazana sebedakiwe bebanga nje into encane.UZandile Sibiya uthe:
Uzosiza kakhulu lo mthetho.
UThambi Mbatha uthe:
INingizimu Afrika isiqala ukufana nejele, ngathi kwakungcono ngaphambi kuka-1994.
US. Nyathi uthe:
Awuvalwe impela ugwayi, sikhathele intuthu.
USenzo Mbhele uthe:
Ababhemayo bayasibulala ngentuthu kagwayi, babhema naphakathi kwizithuthi zomphakathi.
UDumoz Khweshube uthe:
Kungakuhle lokho nasemafemini babhema emathoyilethi ekubeni abanye bethu bengabhemi, mababoshwe abazophula umthetho.
UDavid Xulu uthe:
Singajabula
kakhulu uma kungaba njalo futhi ngabe kungcono ukuthi lo mthetho
uzoqala kusasa lokhu, sesikhathele ukubhenyiswa ugwayi singafuni.
UWelcome Majola uthe:
Uhulumeni akake anake izinto ezibalulekile, yena unake izinto ezingenasidingo.
UMzwakhe Zulu uthe:
Asethembe
lokho kuyovula amathuba omsebenzi kwehlise nophethiloli.
Yini kungavele
kuvalwe ukudayiswa kukagwayi, iNingizimu Afrika isiyangethusa manje
ngalemthetho engenangqondo.
UNtethelelo Khwela uthe:
Ugwayi ukhulisa isifo sofuba kanjalo nomdlavuza, kungakuhl ekuqiniswe umthetho.
UMzongafi Sokhela uthe:
Ngabe usisizile siyafa ukuhlukunyezwa abantu ababhemayo, ngoba abanye abanaki ngisho nilele naye endlini.
UXolani Stan uthe:
Abukho ubuhlakani kulo mthetho, baningi abazotholala benamacala.
UMusa Zikhali uthe:
Uhulumeni uswele into azoyenza.
UNothando Lovey uthe:
Kungakuhle
kakhulu ngoba ugwayi usubhenywa nayingane futhi abantu ababhemayo abacabangelani, abbhema noma ikuphi.
USphiwe Mgube uthe:
Ziningi izinto engabe uyazenza, koba kuhle lo mthetho awenze eselungise konke okunye.
UCollin Khathi uthe:
Ngingomunye
wabantu abangabhemi kodwa-ke lena sengathi yinsambatheka uqobo lwayo!
Kunini kukhulunywa ngendaba yokubhema esidlangalaleni kodwa kungenzeki
lutho?
Uma kwethulwa isabelomali ePhalamende intengo kagwayi nophuzo
oludakayo iyenyuswa, khona lapho sekushiwo le mbudane manje.
Usizi lodwa
lolu!
UMzokhona Msomi uthe:
Wamuhle lo mthetho.
UThulas Masimul uthe:
Angiyiboni inkinga ngoba vele bebengavumelekile ukubhema kwezinye indawo
zomphakathi, kukhulunywa ngesikwaziyo vele.
Kungcono basho okunye
njengokuvula amathuba emsebenzi nokulingana kwezomnotho.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
News24