Share

Kuzoba isizini emnandi kubathandi bebhola kuleli

Durban - Angethulele isigqoko izikhulu zamaqembu ebhola likanobhutshuzwayo kuleli ngaphambi kokuqala kwesizini kodwa lesi sigqoko angisithuleli noma ubani kepha ilezo zikhulu ezibone kunesidingo sokuthi ziqashe noma zinike ithuba abaqeqeshi bakuleli ukuthi bazibonakalise noma baziveze.

Ngesizini ezayo ku-Psl amaqembu ayishumi nane kwayishumi nesithupha azoqeqeshwa abakuleli lokhu kusho lukhulu ebholenilakithi phakathi kokunye uthi ngeke abadlali bakuleli badlale isitayela sebhola lakwamanye amazwe phecelezi (iDirect football) kodwa sesizokwazi ukubona kuqhuma ibrashi, amatsamaya kanye namashibobo okuyindlela okudlalwa ngayo ibhola kuleli Nokuyinto eyenza umbukeli noma umthameli webhola athokoze ngoba ubuka into yasekhaya.

Lilamale kakhulu ibhola lakuleli ngenxa yokugcwala kwabaqeqeshi bangaphandle  njengoba bebefika kuleli bafake imfundiso nezinkolelo zebhola lamazwe abadabuka kuwona lokhu bekungabulali ibhola kuphela kodwa bekulimaza ngisho abadlali uqobo.

Ukukhumbuza nje ngesikhathi u-Ernest Mazinyo  Middendorp ethatha izintambo zokuqeqesha kubafana bokuthola noxolo wahlonza ngaphandle okwenyongo yenyathi uScara Ngobese ngenxa yokuthi udlala ibhola elinomjiko kwebe sekungufu kukaNgobese ebholeni lakuleli.

Ngicaba ukuthi nabaqeqeshi bakuleli abanikwe ithuba amakilabhu bayawuqonda kahle umthwalo nomqansa ababhekene nawo,Okokuqala nje kumele baziveze ukuthi bangcono noma abahlukile kunabaqeqeshi abadabuka emazweni angaphandle,baphinde basibuyisele nesithunzi sebhola kuleli.Ukwenza kahle kwabo kusho ukwenza kahle kwabadlali,amaqembu kanye nesizwe ikhakhulu kaz iBafana bafana.

 

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
34% - 64 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
66% - 127 votes
Vote
Rand - Dollar
19.25
-0.5%
Rand - Pound
23.89
-0.3%
Rand - Euro
20.46
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.31
-0.1%
Rand - Yen
0.12
-0.7%
Platinum
947.50
-0.3%
Palladium
1,022.50
-0.7%
Gold
2,384.11
+0.2%
Silver
28.27
+0.1%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,190
0.0%
All Share
73,271
0.0%
Resource 10
63,297
0.0%
Industrial 25
98,419
0.0%
Financial 15
15,480
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE