Share

Masizigqaje ngolimi lwebele

Ngingomunye wabantu abazigqajayo ngolimi lwami, okuyisiZulu.

Ngennhlanhla futhi isiZulu wulimi oludume kakhulu futhi olukhulunywa kakhulu eniNingizimu Afrika.

Kumina ulimi enye yezindlela echaza ubumina, nemvelaphi yami, ikhakhulukazi indlela engilukhuluma ngayo, nendlela engizizwa ngayo uma ngikhuluma ngalo, ayifani nendlela okwenzeka ngayo uma ngikhuluma olunye ulimi, ikhakhulukazi olwesiNgisi.

ENingizimu Afrika sinezilimu ezingu-11 ezisemthethweni kodwa sikholelwa ekutheni isiNgisi okuwulimi lwamaNgisi lwaseNgilandi ilona ulimi okumele silusebenzise uma sixhumana.

Umbuzo wami uthi, kungani kube ulimi lwesiNgisi kungabi olwesiNtu okuxhunyanwa ngalo?

Kungani sakhetha ukuqhakambisa ulimi lwangaphandle?

Mina ukuba ngempela kuyakhethwa, ngabe ngikhetha okungenani ulimu lwamaBhunu... isizathu yingoba lingulimu lwaseNingizimu Afrika akulona olwangaphandle.

Ngesonto eledlule, ngizibukele umabonakude, amazwe ase-Europe kwezebhola.

Ngayithanda indlela abakhuluma ngayo. Umuntu wayekhuluma ulumi lwakubo, ngisho ebuzwe ngesiNgisi wayephundula ngolimi azigqajayo ngalo, ulimi lwakhe lwebele.

Isizathu ukuthi bayakuqonda ukubaluleka kolimi, futhi bayazigqaja ngabayikho.

Awuke uhlale ubukele uma kuhlangene iPhalamende, uzongena uJacob Zuma uMengameli wezwe, ongumZulu phaqa, akhulume isilungu inkulumo yakhe aze ayiqede kwesinye isikhathi engafakanga ngisho uhlamvu olulodwa lwesiZulu.

Bese ngakolunye uhlangothi ubuke uma kukhuluma uHelen Zille, ukhuluma isilungu, hhayi ulimi lwesintu,  ciche aze ayiqede inkulumo yakhe, ngisho sekukhuluma, abantu bolimi lwesiBhunu abasePhalamende, bakhuluma isBbhunu baze baqede izinkulumo zabo ngalo lolu limi.

Uma ubhekisisa kahle, umuntu ongumZulu noma umuntu omnyama uyathanda ukukhuluma ulimi okungelona olwakhe.

Thina bantu abansundu siyathanda ukuhlale sicabangela abanye abantu ukuthi bazothini noma ngeke bezwe uma sikhuluma ulimi okungelona olwabo kodwa bona abayenzi leyo nto.

Kunalokho sigcina sithatheka kancane ngezinto zethu zesintu, zigcine zibonakala njengezinto ezingabalulekile.

Ngiyacabanga ukuthi namanje njengoba kuhlangene amazwe omhlaba eThekwini kwi COP 17, akekho owakuleli oseke wakhuluma ngolunye ulimi ngaphandle kwesiNgisi, yize bekhona otolika.

Sizwe esinsundu asike sizigqaje ngezilimi zethu, siziqhakambise ukuze nezinye izizwe ziyeke ukusibukela phansi.

Ngiyakholelwa ukuthi uma singakhombisa ukubaluleka kolimi lwethu ngeke ezinye izizwe zihlale zicabanga ukuthi isiLungu sabo kuphela esibalulekile, ukukhuluma olunye olimi kungubuciko kodwa akuchazi ukuthi umuntu uhlakaniphile noma ungcono kunabanye.

Asikhumbule ukuthi sonke sinelungelo lokukhuluma ngolimi lwethu lwebele.

Yini esingayenza ukulungisa le nkinga?

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
66% - 544 votes
No! It's time to move on ...
34% - 285 votes
Vote
Rand - Dollar
19.03
-0.1%
Rand - Pound
23.79
+0.0%
Rand - Euro
20.41
+0.0%
Rand - Aus dollar
12.42
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
930.50
+0.5%
Palladium
994.50
+0.4%
Gold
2,336.18
+0.2%
Silver
27.58
+0.6%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
68,437
0.0%
All Share
74,329
0.0%
Resource 10
62,119
0.0%
Industrial 25
102,531
0.0%
Financial 15
15,802
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE