Share

Naba abangafanelana noZookey Zarling

Cape Town - Ngihlulekile kuzibamba ngingakhulumi ngesikhathi ngithola ukuthi uZookey Zarling akanandoda.

Engikwaziyo ukuthi ukungabi nendoda kwakhe akulona iphutha lakhe, ubuvaka balolu hlobo lwamadoda asabakhona, agcwele inkwantshu olimini, izishimane ovukuvale. Amadoda asaba amantombazane ancamela ukulala ewo-okapu kunokuthi ashele.

Kuba nzima kakhulu ezintokazini ezifana noZarling, lezi ezinakho konke ngoba okuwumkhapheyana kuvele kubone sengathi kuzoguga iphakethe kanti cha akuhlale kunjalo, kokunye kuyenzeka kube ukuthi owesifazane uzifunela uthando nje qha.

Ngiyamzwela uZarling njengoba ubusika buqale baze baphelela kuye.

Ngale kokuthi uZookey uphaphile, akasiso isidomu futhi uyathandeka aphinde abe muhle. UyiPackage ephelele wena owabona amaBraai Pack...uqukethe zonke izicubu ezifuneka emfazini.

Angimfiseli uZookey ukuthi atholwe wumkhufakhufa ozozenyeza. Indoda emfanele kumele kube yisoka (umuntu othandeka engakavuli nomlomo, ozithemba engashongo lutho), kuphinde kube umuntu ongakhweleki ekhanda.

Empeleni ufanele uhlobo lukaMbongeni Ngema, uhlobo oluyiciko futhi elikwaziyo ukuthambisa umuntu wesimame. UMadlokovu ubeyolunga kodwa cha bandla iminyaka isidlale ngaye kakhulu sekolunga bona oMroza hhayi uZarling wethu.

UMom Cool unohlobo lwamadoda amfanele. Okwamanje bathathu kuphela engingakujabulela ukuthi babe uBab'Cool noma Daddy Cool wethu.

 - USibongiseni Shabalala weShabalala Rhythm

Uma uhlanganisa uZarling noSibongiseni kungaphuma iCool Cat, uSibongiseni uphaphe angazosa, bafana ncamashi noZarling. Okuhle ngabo ukuthi banekhono emsebenzini wabo, banalokhu esikubiza nge touch of gold.

USibongiseni unesi-morden esihlangene nesintu. Angakwazi ukunika uZarling izulu elincane aphinde amenze umfazi ohloniphekile. Uma kuwukuthi usethathile uMshengu, ayikho nalapho inkinga.

UZookey angangena khaxa esithenjini ahlale anethezeke...singabantu siyazi kahle indaba yesithembu.

Singabantu ngempela nabelungu bayazi.

 - USthembiso Shangase umzukulwana kaMvula.

UNdaleka unesizotha nobuhlakani, uphekekile wavuthwa. Uyazazi ukuthi uyindoda.

Yize enakho ukuba nekhanjana eliqine sengathi usimende, uZookey angamehlisa leli khanda layo, amthambise tobo agcine ewutamatisi uma sebebobabili. Kukhona konke lokhu uyindoda umfokaShuku.

Ekulandeleni kwami uSthe, ngimthola egcwele ukuzethemba futhi konke akwenzayo unezizathu zakho, izinqumo azithathayo uyazicabangisisa. Akaxhamazeli futhi akahlomeki. Ngimbona engaba yindoda efanele ukukwazi ukwehlisa kancane ukuphapha kukaZarling.

Angazi noma ngithi ngebhadi noma ngenhlanhla kodwa uma kwenzeka betholisana abantwana, kophuma ingane ewuSbongiseni Shangase umfowabo kaSthembiso. Abantu bakwaShangase bawuhlobo oluStrong, makhulu amathuba okuthi ingane ithathe kakhulu koNdaleka.

 - Mampintsha

Kula madoda engiwabale ngenhla, angisho ukuthi ikhona engajabulela ukuthandana noZookey idlule uMampintsha. Ngisho lokhu ngoba sonke siyazi uMampintsha vele akanamuntu. Siyamkhumbula uma wakhe emkhulumela emaphepheni emzamela. UMampintsha uyawasaba amantombazane kwala noma ingane isizicelela kuye imbhalela incwadi - Ifunde lana, Dear Mampintsha.

Njengoba ubhutiza nje kucacile ukuthi isimame akasijwayele, uma engathola uZookey akungabazeki ukuthi angathokoza amhloniphe futhi azigqaje ngaye. Mhlampe angaze abhale iculo ebonga abaphansi.

UMampintsha akanayo nengane so angeke afike neDrama yo Baby mama. UZookey akazame naye sengimkhulumele kwenela, kodwa uma ecabangela umuntu kube kulana engibabalile. Ngimthanda enoyedwa wabo.






Asixhumane kuFacebook, Izindaba Mamgobhozi

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 861 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 898 votes
Vote
Rand - Dollar
19.17
-0.3%
Rand - Pound
23.84
-0.2%
Rand - Euro
20.48
-0.1%
Rand - Aus dollar
12.45
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
920.20
+0.0%
Palladium
1,023.50
-0.2%
Gold
2,315.99
-0.3%
Silver
27.13
-0.6%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,425
+0.6%
All Share
74,397
+0.5%
Resource 10
59,627
+0.0%
Industrial 25
103,976
+1.1%
Financial 15
15,911
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE