Dear Mhleli,
Ngicela ukudlulisa ukukhuza isihlava esihlasele ezweni lakithi sokuhlaselwa kwabantu bokuhamba.
Njengomuntu okholelwa empilweni yesintu nasemasikweni kunezinto eziningi ezisishayayo kodwa esingazinaki ngangokuthi abanye baze bakholelwe wukuthi bayathakathwa kanti cha akunjalo, kodwa izinkinga eziningi esivame ukuba nazo empilweni isikhathi esiningi zisuke zidalwe yithi uqobo.
Isibonelo nje uma uphuphunyelwe yisisu njengomuntu wesifazane wenzenjani emva kwalokho, ngokwesintu umuntu ophuphunyelwe yisisu kumele agezwe asuswe ithunzi bese kugezwa nesibeletho ngendlela yesintu.
Lezinto zenziwelani na? Phela uma zingenziwanga lezi zinto angeke uye ndawo nempilo ngoba ingane ephuphumile noma oyikhiphile kusuke sekuwumuntu ngisho noma kuthiwa isisu besisane nyanga noma amasonto sihleli kodwa wumuntu lowo.
Ngakho ke kubalulekile ukuthi enzelwe izinto ngendlela futhi uyakhula aze abe mdala yize noma ahamba engakaphumi esiswini. Uma ungamnaki impela uyawuthola umvuzo walokho, omunye uthola ukuthi ufunde wagogoda kodwa lutho umsebenzi kanti futhi noma esebenza kuba yinto nje yeskhashana futhi engatheni futhi okunye nengane elama leyongane ibanenkinga empilweni naseskoleni ingenzi kahle ngoba isuke inamathelwe yile eseyaphuphuma futhi iba neskhwele uma wena kukhona okwenzela le ephilayo ngoba ikhala ngokuthi yona ayinakiwe ekubeni kuyiyo endala kodwa kunakwe usban bani yize emncane kunayo noyise wayo leyo ngane naye kuba yinto efanayo akayi phambili.
Uma ke usuyenzela umsebenzi ingane yilapho ke obe usuyiqamba khona igama. Ngisho noma kungaseyona ingane yakho kodwa kuyenzeka uthole ukuthi wudadewenu noma wumfowenu owaphuphuma naye kumele umenzele ngoba naye uyakudalela izinkinga.
Lento ngizwa kuthi angiyikhulume ngoba abantu abaningi abayinaki yize noma ibashaya. Omunye uzozibuza ukuthi ingane ephuphume inamasonto uzoyibona kanjani ubulili bayo. Phela ngaphambi kokuthi uze nje ucabange ukuyenzela umsebenzi iyafika ngezibonakaliso uyibone ubulili bayo.
Obhalile
UMoses xolo, ePort Shepstone
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba
ngolimi lwakho