Share

'Nakani izingane eziphuphumayo'

Dear Mhleli,

Ngicela ukudlulisa ukukhuza isihlava esihlasele ezweni lakithi sokuhlaselwa kwabantu bokuhamba.

Njengomuntu okholelwa empilweni yesintu nasemasikweni kunezinto eziningi ezisishayayo kodwa esingazinaki ngangokuthi abanye baze bakholelwe wukuthi bayathakathwa kanti cha akunjalo, kodwa izinkinga eziningi esivame ukuba nazo empilweni isikhathi esiningi zisuke zidalwe yithi uqobo.

Isibonelo nje uma uphuphunyelwe yisisu njengomuntu wesifazane wenzenjani emva kwalokho, ngokwesintu umuntu ophuphunyelwe yisisu kumele agezwe asuswe ithunzi bese kugezwa nesibeletho ngendlela yesintu.

Lezinto zenziwelani na? Phela uma zingenziwanga lezi zinto angeke uye ndawo nempilo ngoba ingane ephuphumile noma oyikhiphile kusuke sekuwumuntu ngisho noma kuthiwa isisu besisane nyanga noma amasonto sihleli kodwa wumuntu lowo.

Ngakho ke kubalulekile ukuthi enzelwe izinto ngendlela futhi uyakhula aze abe mdala yize noma ahamba engakaphumi esiswini. Uma ungamnaki impela uyawuthola umvuzo walokho, omunye uthola ukuthi ufunde wagogoda kodwa lutho umsebenzi kanti futhi noma esebenza kuba yinto nje yeskhashana futhi engatheni futhi okunye nengane elama leyongane ibanenkinga empilweni naseskoleni ingenzi kahle ngoba isuke inamathelwe yile eseyaphuphuma futhi iba neskhwele uma wena kukhona okwenzela le ephilayo ngoba ikhala ngokuthi yona ayinakiwe ekubeni kuyiyo endala kodwa kunakwe usban bani yize emncane kunayo noyise wayo leyo ngane naye kuba yinto efanayo akayi phambili.

Uma ke usuyenzela umsebenzi ingane yilapho ke obe usuyiqamba khona igama. Ngisho noma kungaseyona ingane yakho kodwa kuyenzeka uthole ukuthi wudadewenu noma wumfowenu owaphuphuma naye kumele umenzele ngoba naye uyakudalela izinkinga.

Lento ngizwa kuthi angiyikhulume ngoba abantu abaningi abayinaki yize noma ibashaya. Omunye uzozibuza ukuthi ingane ephuphume inamasonto uzoyibona kanjani ubulili bayo. Phela ngaphambi kokuthi uze nje ucabange ukuyenzela umsebenzi iyafika ngezibonakaliso uyibone ubulili bayo.


Obhalile

UMoses xolo, ePort Shepstone

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 377 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 789 votes
Vote
Rand - Dollar
19.13
+0.2%
Rand - Pound
23.80
+0.1%
Rand - Euro
20.40
-0.1%
Rand - Aus dollar
12.28
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.1%
Platinum
940.10
-1.1%
Palladium
1,020.00
-0.9%
Gold
2,391.17
+0.5%
Silver
28.52
+1.0%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,098
-0.1%
All Share
73,149
-0.2%
Resource 10
63,047
-0.4%
Industrial 25
98,493
+0.1%
Financial 15
15,451
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE