isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Ngisamthanda uMalema

2012-07-20 10:50
Zimele Mhlanganyelwa Mkhize

Cape Town - Ngingumuntu omusha waseNingizimu Afrika, obhekene nezingcindezi nezinselelo njengabo bonke abanye abantu abasha bakuleli.

Sibhekene nezinkinga ezifaka ukungabi khona komsebenzi, ukwanda kobugebengu, ukusabalala kwezidakamizwa kanjalo nobhubhane wesandulela ngculaza nengculaza uqobo lwayo.

Kuthe uma ngibona umuntu omusha onjengomholi wophiko lwentsha owaxoshwa uJulius Malema ezohola, ekhulumela intsha futhi eyihlaba esikhonkosini uma ebheka izinselelo ezibhekene nabantu abasha, ngajabula kakhulu ngoba ngibona  sesithole umholi nomkhulumeli.

Igalelo likamengameli  kimina lizwakele, ngilibonile futhi lingisizile.

Engikufundile ngoMalema ukuthi uma umuntu ekuhlukumezile kumele ukubeke kucace kuyena ukuthi akwenzile akuhambisani nawe, ungagwegwesi ungambathisi.

Kunjena nje eNingizimu Afrika yingoba ziningi izinto ezenzekile ezingekho zinhle kodwa zambathiswa.

UMalema ungikhumbuza uComrade Chris Hani, sengathi umphefumulo wakhe ungaphumula ngokuthula.

Ngikholelwa ekutheni uMalema  uzoba ngumholi oqavile eminyakeni ezayo, ngoba uyakwazi ukumela into yakhe.

Uthi uyazi ukuthi ucwaningo lukhombisa ukuthi uBaba uNelson Mandela ngezikhathi esophikweni lwentsha naye kuthiwa wayewumuntu ekwakuthiwa uluhlaza ngoba wayekhuluma izinto zinjengoba zinjalo.

Ngizothatha nethuba lokungenelela ekuxoshweni kwakhe nasekungazwaneni kwakhe noMengameli uJacob Zuma.

Impela okwenzeke phambilini kwenziwa uMalema mina siqu sami bengihambisana nako cishe konke, indaba yonakale ngesikhathi  esethuka umengameli ezidlangalaleni ekhuluma esho lokho akuthandayo, ngaso leso sikhathi  ekuveza ukuthi uZuma ungumZulu yena ngeke aholwe ngumZulu.

Lokhu kukhuluma kwakhe bekubhebhezelisa izinkulumo ezinohlevana, impela angihambisananga naye lapho, futhi bekufanele ajeziswe yiqembu ngoba ubejabulisa izitha ze-ANC esidlangalaleni futhi ubedukisa izwe nentsha yaseNingizimu Afrika.

Ngisamthanda uMalema.

Ngiyabagxeka abantu abadala ababe nesandla ekungahloniphini kukaJulius ngoba bayaziwa; bekufanele bafake iziyalo hhayi ukumbhebhethekisa.

Mina siqu sami ngisamthanda ebuholini be-ANCYL uMalema ngiyakholelwa kuyena, uma nje engaxolisa kumengameli wezwe, babuyisane bobabili njengabaholi.

Ingane uma yonile iyabuyiswa ekhaya.

Ngisakholelwa ebuholini bukaJulius, kuphela nje akayeke manje ukubanga ingxabano ku-ANC, akahloniphe isinqumo azame izindlela zokwakha ukuzwana nokuxolelana.

Uma kungaqhubeka izinto zingalungiswanga kuyobonakala izinkomba zokungabekezelelani phakathi eqenjini.

 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)