Mhleli
Angiphikisani nokuthi kubuyiswe
uBheki Cele kwesikaKhomishana wamaPhoyisa kodwa ngikholwa wukuthi kumele sibheke amathalente abantu ngokulinganayo kuleli laseNingizimu Afrika. Ake nje sithi uCele uyala ukubuyela noma sithu usashona, ngabe lokhu kobe kuchaza ukuthi angeke sakwazi ukuvusa omunye uKhomishana ongenza njengaye, abuyise isithunzi samaphoyisa futhi ahlonishwe?
Ngabe iNingizimu Africa ima ikubona ukuthi kufanele
kubuyiswe uBheki Cele ngoba nakhu sekushone uSenzo Meyiwa?
Funda nalolu daba: Bafuna kubuye uBheki Cele kwesikaKhomishana
Ngokwami ngicela kubuyiswe loyo owake wabambiswa
lesi sikhundla phambilini, uMhlonishwa Major General Nhlanhla Mkhanazi.
Ababulali benyathi balala ucwayimbana..
Ozithobayo
Smiso Mchunu, eBergville.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.