Johannesburg - Nakhoke wawungu-kleva esikoleni, udume yonke indawo, kwaziwa nje ukuthi wena awunanazi, othisha ubatshela izindaba zabo ngaphandle kungonakele lutho. Kodwa manje uphelelephi?
Izenzo zakho zokuba yisikhokho zikubeke kuphi? Njengoba unguthalala nje namuhla ungazazi nawe ukuthi ubuyaphi futhi uyakuphi?
Ubuhamba ubhampa, ugqoka amalebuli abizayo ushaya ngomakhalekhukhwini abasesitayeleni, kodwa manje ungulamba nje into esingazi ukuthi sizoyenzani.
Ngeke siqambe amanga sithi siyakuzwela, ngoba phela wawuphapha wedwa usibiza ngezilima, uthi uzomenzani umnyamane ofana nami kunezintombi ezinhle kangaka la ekilasini. Kunzima nokuthi ubhale umsebenzi wesikole, ngoba nje okleva abazishayi ngalokho.
OLUNYE UDABA: 'Iba wuhlobo lomuntu ofisa ukuba uyena'
Weee!! buka manje ubukleva bukubeke kuphi njengoba uhamba uqhaqhazela usicela imali yogwayi sengathi wawufundiswa yithina ukubhema.
Ngiyakukhumbuza nje bhuti ukuthi kwakumnandi sizwa ngawe ushayela phezulu, buka mina sengihamba kuphi manje. Usibonile lesilima owawuhlale usigwajisa ukuthi sihamba ngani manje.
Bathi kophela sofana!
Kubhala oKaNhlapho
Ungaxhumana nombhali ku - nonkululekon@yahoo.com.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho