Ungakhuluma ngebhola, ezepolitiki, isimo sezwe lethu noma ezangaphandle, yizinto ezenzeke ngesonto eledlule noma ofisa zenzeke kuleli sonto elizoqala, ungashera nangeZwi leNkosi njengoba kuyiSonto noma futhi ufake izithombe 'zakho' ezichaza isimo okusona njengamanje.
Nakhu okunye ukuphawula kwabafundu bethu:
Delani Xulu: Mina ngidlulisa ukudumala ngengikubone ekhasini labokudabuka eNigeria abahlala la eMzansi leRadio Biafra, ngithole ukuthi abanalo ulwazi lokuthi zikhona izakhamuzi zaseMzansi ezilandela lelikhasi labo, abanye babo baphawula kabi kakhulu ngalenhlekelele eyenzeke ngoLweshlanu lwa mhlaka 12 Septhemba 2014 eNigeria esakhiweni sabavakashi bebandla lika TB Joshua. Ukuphawula okungithinte kakhulu okoweslisa ozibiza ngo Don Agemoney othe indlela abaphathwa kabi ngayo abokudabuka eNigeria la eMzansi ujabula kakhulu ngokushona kwabakuleli eNigeria washo nokuthi usafisa kufe amakhulu ngamakhulu abantu bakulelizwe esho nokuthi lelizwe i "so called country" echapha abakuleli ngezinhlamba.Yikho ebengithanda ukuphawula ngakho okungithinte imizwa yami njengomuntu olithandayo izwe lakhe.
Sthembiso Nene: Cha mina ngithanda ukubongela iChiefs ngokunqoba kwayo nokuthi kungabibikho okukhalisayo ngegoli layo. Ngidumele kakhulu ngokudliwa kwePirates kusho ukuthi bekungasilona usuku lwethu izolo, kuyolunga ngelinye ilanga. Besengigxeka kakhulu uSABC ngalokhu asenze kona izolo, angeke sikukhohlwe. (noJoe Hudla waso Khozini FM uyazixoxela nje akamemezeli ibhola loya muntu) Ngizwakalise ukudumala okukhulu ngokwenzeka kumengameli wethu eSouth Africa, uZuma bayamhlupha bo.
Ungazifundela ukuthi abanye batheni ekhasini lethu kuFacebook - IndabaNews24,
noma nawe ubeke owakho umuzwa.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.