Mhleli
Ngiphe Mhleli isiqeshana ezindabeni zakho. Nginombuzo kubaphathi bomsakazo Ugu Youth Radio, ePort Shepstone, ngomsakazi wabo ongasazwakali emoyeni uKhombizwe Mbhele.
UKhombizwe uyena msakazi ebengingathi uhamba phambili enjalo uthathe umsakazo wawubeka kwelinye izinga.
Lo msakazi usezakhele igama kubantu abaningi ngendlela athula ngayo umculo kaMasikandi emsakazweni enjalo uwusebenzele kakhulu lo msakazi kusukela uvulwa ngo-2012. Ukuzinikela kwakhe kwabonakaliswa nangukuqokwa kwakhe emncintiswaneni wamaSatma ngonyaka owedlule emkhakheni emibili okubalwa oweBest Community Radio Dj kanye noweBest Traditional Music Radio Programme.
Lokhu kwenze lomsakazo ube kwibalazwe yize bewusafika.
Funda nalolu daba: Ushonile umsakazi owacela ukuncelwa ubuntu
Ngenyanga eyedlule lo msakazi watshelwa ukuthi zonke izinhlelo zakhe ziyavalwa ngenxa yokushaya kwakhe udaka. Kuyaxaka-ke lokhu ngoba ngokukhulu ukungananazi ngingasho ngithi wuye obeyintandokazi kubalaleli.
Ngiyafisa abaphathi bomsakazo basicacisele ngoKhombizwe.
UMlaleli okhathazekile
Port Shepstone
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.