Dera Mhleli,
Ngithi angidlulise okusikhathazile ehostela eMzimhlophe endaweni yaseSoweto.
Kunomuntu odlwengulayo kuleli hostela, obizwa ngoMaCarvella kanti abamaziyo bathi ngumfana wakwaPhungula futhi kuthiwa uphuzela khona kuleli hostela eMzimhlophe endaweni yokucima ukoma kwaMlaba.
Lo MaCarvella udlwengula kwasani; omama, izingane namadoda akakhethi.
Kuthiwa ufika abuke konke okwenzekayo kulowo mgwaqo, abone ukuthi ubani uhlala nobani nokuthi umuntu ungena skhathi sini endlini.
Uma esazi ke ube esekulandela ke, uma uthi uvula umnyango angene kanye nawe bese ekukhomba ngesbhamu, athi bheka le ungambheki.
Lo mdlwenguli uyasatshwa ngoba noma sebemubona lapho okucinywa khona ukoma akekho omubambayo njengoba kuthiwa uyalishaya izulu lezandla (isibhamu).
Sicela uma kukhona onolwazi ngokuthi kufanele senzenjani ngalesi simo asisize, saze savelelwa sesisaba ngisho ukuya esitolo ngoba nasemini uyadlwengulana.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho