Durban - Ngokukhulu ukunengeka ngithanda ukubhala ngokudumala kwami ngendlela abaculi bowokholo abaziphatha ngayo emcimbini wokumenyezelwa abaqokiwe kumaCrown Gospel Awards kulo nyaka.
NgoLwesihlanu kusihlwa eDurban Exhibition Centre bekubanjwe umcimbi wokumenyezewla kwabaculi abaqokiwe kuma-SABC Crown Gospel Awards.
Nami-ke njengomuntu osezintweni bengimenyiwe kulo mcimbi ngishaye izimpahla ezimhlophe njengokusho kwesimemo salo mcimbi.
Ngiphume kuwo nginyiphile futhi nginyanyile ngendlela abaculi okubalwa kubo uSgwili Zuma, Ga Ndlela, Thina Zungu nalo baba omkhulu omude okuthiwa uWelcome Msweli nabanye abangakadumi futhi engingaboni bayoke badume abebemi nabo - abebeziphetha ngayo.
Sekumenyezelwa abaqokiwe kula ma-award ubungafunga ukuthi baqale bacwila ezinkambeni zikaFaro ngendlela abebebanga ngayo umsindo bekhombisa ukuphapha ngokweqile.
Ukuqina nokuphapha kwabo kuze kwanenga nomsunguli wala ma-award uZanele Mbokazi.
Isikhathi esinyanyise kakhulu kube ngesokuphaka lapho iningi labo limane layogcwala layovimbanisa lapho bekuphakwa khona kwasuka umbango wokudla bengenela bekhombisa ukulamba ngokweqile.
Bekungakade bakugcina kudla ngendlela abese bephushana ngayo kulayini wokudlela.
OLUNYE UDABA: 'Akulona ijoka likaNcwane ukondla unina'
Ngeke ngisayiphatha eyalo mculi okuthiwa nguNhlakanipho Cele yena bekungathi ubezele khona ukudla njengoba emane wazimela eduze kokudla usaqala umcimbi waze wayophela egqolozele amabhodwe.
Kuwona lo mcimbi uZanele LaMbokazi Nkambule ubize umyeni wakhe uMpendulo Nkambule ukuze azokhuleka ngaphambi kokuthi kudliwe, angazi noma ngizothi ukuvukwa umoya noma uthando lwendoda.
ULaMbokazi uthe umyeni wakhe angavula umlomo ngambona esephakamisa isandla kwaba sengathi umuntu ovukwa umoya.
Phela ubengakasho lutho olutheni kodwa uLaMbokazi ubesekwelinye izinga, hhayi uthando!!!
Sengiphetha nje ngithanda ukubongela bonke abaqokiwe kula ma-ward sinifisela inhlanhla nonke.
Sisazovelelwa ke u-Andile kaMajola ngokukhankasa kwakhe njengoba kuthiwa uqokwe emikhakheni emibili evotelwayo eyokuba yi-Artist of the year neSong of the year.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.