Share

Sies! Ukuphapha kwabaculi

Durban - Ngokukhulu ukunengeka ngithanda ukubhala ngokudumala kwami ngendlela abaculi bowokholo abaziphatha ngayo emcimbini wokumenyezelwa abaqokiwe kumaCrown Gospel Awards kulo nyaka.

NgoLwesihlanu kusihlwa eDurban Exhibition Centre  bekubanjwe umcimbi wokumenyezewla kwabaculi abaqokiwe kuma-SABC Crown Gospel Awards.

Nami-ke njengomuntu osezintweni bengimenyiwe kulo mcimbi ngishaye izimpahla ezimhlophe njengokusho kwesimemo salo mcimbi.

Ngiphume kuwo nginyiphile futhi nginyanyile ngendlela abaculi okubalwa kubo uSgwili Zuma, Ga Ndlela, Thina Zungu nalo baba omkhulu omude okuthiwa uWelcome Msweli nabanye abangakadumi futhi engingaboni bayoke badume abebemi nabo - abebeziphetha ngayo.

Sekumenyezelwa abaqokiwe kula ma-award ubungafunga ukuthi baqale bacwila ezinkambeni zikaFaro ngendlela abebebanga ngayo umsindo bekhombisa ukuphapha ngokweqile.

Ukuqina nokuphapha kwabo kuze kwanenga nomsunguli wala ma-award uZanele Mbokazi.

Isikhathi esinyanyise kakhulu kube ngesokuphaka lapho iningi labo limane layogcwala layovimbanisa lapho bekuphakwa khona kwasuka umbango wokudla bengenela bekhombisa ukulamba ngokweqile.

Bekungakade bakugcina kudla ngendlela abese bephushana ngayo kulayini wokudlela.

OLUNYE UDABA: 'Akulona ijoka likaNcwane ukondla unina'

Ngeke ngisayiphatha eyalo mculi okuthiwa nguNhlakanipho Cele yena bekungathi ubezele khona ukudla njengoba emane wazimela eduze kokudla usaqala umcimbi waze wayophela egqolozele amabhodwe.

Kuwona lo mcimbi uZanele LaMbokazi Nkambule ubize umyeni wakhe uMpendulo Nkambule ukuze azokhuleka ngaphambi kokuthi kudliwe, angazi noma ngizothi ukuvukwa umoya noma uthando lwendoda.

ULaMbokazi uthe umyeni wakhe angavula umlomo ngambona esephakamisa isandla kwaba sengathi umuntu ovukwa umoya.

Phela ubengakasho lutho olutheni kodwa uLaMbokazi ubesekwelinye izinga, hhayi uthando!!!

Sengiphetha nje ngithanda ukubongela bonke abaqokiwe kula ma-ward sinifisela inhlanhla nonke.

Sisazovelelwa ke u-Andile kaMajola ngokukhankasa kwakhe njengoba kuthiwa uqokwe emikhakheni emibili evotelwayo eyokuba yi-Artist of the year neSong of the year.

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

  
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 584 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 823 votes
Vote
Rand - Dollar
18.88
+0.3%
Rand - Pound
23.86
+0.2%
Rand - Euro
20.38
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.32
+0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE