Share

Thina sathakathwa umuntu qede wafa!

Cape Town - NgiyiNtsheb’emnandi impela kodwa ngiyimpohlwa angiganiwe, sengike ngazama hhayi kwaphika ukwenza.

Ngiyaye ngibabongele abaganwa qekelele bengaxhaswanga. Lo mqansa wokuganwa ukhwelwa ngamashinga kuphela, uma unguvothobele ngeke ulunge.

Ngiye ngiyihambele imishado, ngibuke ngijule ngithi kunzima ukuganwa.

Ngisho ngoba uma sibheka uthando olwabantu ababili, abahlanganela ukusungula umndeni ndawonye.

Ezikhathini eziningi laba bantu bavama ukuqala ebhodweni bebodwa ngasese, bese kuthi uma bevumelana kuyikhathi belobolana, iningi ngaleso sikhathi lisuke selize laba nabantwana.

Bese kuthi imindeni yabo kubalwa nabangani iphinda ize emcimbini womshado wabo izobheka ukuthi kudliwani, bagqokeni, injani imihlobiso, ubucwebe, izinga, yehheni webantu obani ubunja obungaka.

OLUNYE UDABA: Amadoda anesandla ekuhushulweni kwezisu

Isono salaba bantu ukuthi bayathandana manje sekumele bajabulise nina nonke?

Into eyenza ukuganwa kube nzima yizinto ozenzela abantu kunalezo ozenzela isithandwa sakho.

Uma ngiphinda ngiluthola olunye ubambo lwami mina ngiyolubamba ngesandla siye kwaHome Affairs sisayine amaphepha siphume lapho sidlule kwaShisa Nyama, sidle sisule umlomo sihambe siyokwakha umuzi.

Nazi izindleko zomshado ojwayelekile esengike ngahlangabezana nazo, lezi eziphansi kunazo zonke!
R15 000 – Video & Photography
R12 000 – Venue
R25 000 – Décor, Chairs Tables
R30 000 – Food and Drinks, Utensils, Cake
R20 000 – Rings set
R 15 000 – Transport
R 10 000 – Sound

Le imali yosuku lomshado, angikubalanga ukulobola, ukwembesa nokuvama ukuphelezelwa yiyo yonke lenyovademu engiyibale ngenhla.

Yini singashintshi izinto, ke sixhase abantu abathandanayo abafuna ukushada, sibaxhase sibenzele umcimbi bangakhokhi ne-cent njengoba nenza njalo uma nenzela amashende enu ama-surprise birthday party, ama-baby shower.

Ngikhuluma ngokuxhaswa komcimbi womshado hhayi ukulobolelana.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 552 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 795 votes
Vote
Rand - Dollar
18.88
+0.3%
Rand - Pound
23.85
+0.2%
Rand - Euro
20.39
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.33
+0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE