Durban - Ngikhule ngazi ukuthi awukwazi ukuthi ushade noma ushadelwe uma abazali bakho bengazange bashade ngoba angeke uze ulunge lowomshado futhi kuvame ukuthi kuvele kube nezinkinga nje kulowo mshado kodwa ke abantu abaningi bayaye bangakugqiziqakala lokho.
Nami ke angisho ukuthi ngazi kakhulu kulolu daba kodwa ngithi angikubeke ezithebeni nje kubafundi beNews24 ukuthi into enje ikhona.
Bakithi kuyenzeka umuntu ashade noma ashadelwe yize noma abazali bakhe bengazange bashade kodwa kungabi nezinkinga, phela amathongo nawo ayakwazi ukubona izimo.
Mhlampe ubaba wazalisa maqede washaya wachitha futhi uze wakhula nje ngaphandle kwakhe phela imizi kayifani, inqobo nje uma omalume bezoyibeka indaba emsamo mayelana nesimo sakho.
Hheyi bakithi phela akekho umuntu obaluleke njengomalume empilweni yomuntu ikakhulukazi uma uzalelwe ekhaya ngoba nguyena osuke ephethe impilo yakho, uma usuyogana ukhishwa ngeyena kanjalo noma usuganwa ngeyena futhi hamba phambili, ngakho asibahlonipheni omalume.
OLUNYE UDABA: Kumnyama ebusweni benkawu esizweni esimnyama
Kubalulekile ke ukuthi uwazi umlando ngekini ukuze ungagaxeli ngoba uzwa isoka lakho lithi licela nishade nawe bese uvumela phezulu kanjalo nensizwa ijahe ukubizwa ngendoda kanti ubabawayo usabizwa ngomfana, phela uma ungakoganwa usewumfana nje qha lokho akujiki.
Ubudoda buyasetshenzelwa, ukuthi unentshebe lokho akusho lutho phela nembuzi inayo intshebe kanjalo nami angizikhiphi ngaphandle ngoba nami ngisawumfana kodwa okwami kuzolunga maduzane nje.
Ngikengasho ukuthi nami angisiye ungoti kodwa ke njengabantu bendlu emnyama ukudodisana kuyinto ebalulekile ngoba nawe uma kukhona ulwazi onalo nami ngiyafunda futhi kuyangikhulisa lokho.
Bengisika elijikayo kodwa ke angikubeke kucace ukuthi angisiye ungoti walutho kodwa ngaba nenhlanhla yokukhula endaweni egcwele abantu abadala futhi abanolwazi, phela kuyenzeka umuntu abemdala kodwa angabinalo ulwazi, ubemdala ngeminyaka nje kuphela.
Kubhala uMoses xolo ePort Shepstone.
Ungaxhumana noMoses ku-Moses.xol156@gmail.com
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho