Share

'Ubaba ongashadelwe usangumfana naye'

Durban - Ngikhule ngazi ukuthi awukwazi ukuthi ushade noma ushadelwe uma abazali bakho bengazange bashade ngoba angeke uze ulunge lowomshado futhi kuvame ukuthi kuvele kube nezinkinga nje kulowo mshado kodwa ke abantu abaningi bayaye bangakugqiziqakala lokho.

Nami ke angisho ukuthi ngazi kakhulu kulolu daba kodwa ngithi angikubeke ezithebeni nje kubafundi beNews24 ukuthi into enje ikhona.

Bakithi kuyenzeka umuntu ashade noma ashadelwe yize noma abazali bakhe bengazange bashade kodwa kungabi nezinkinga, phela amathongo nawo ayakwazi ukubona izimo.

Mhlampe ubaba wazalisa maqede washaya wachitha futhi uze wakhula nje ngaphandle kwakhe phela imizi kayifani, inqobo nje uma omalume bezoyibeka indaba emsamo mayelana nesimo sakho.

Hheyi bakithi phela akekho umuntu obaluleke njengomalume empilweni yomuntu ikakhulukazi uma uzalelwe ekhaya ngoba nguyena osuke ephethe impilo yakho, uma usuyogana ukhishwa ngeyena kanjalo noma usuganwa ngeyena futhi hamba phambili, ngakho asibahlonipheni omalume.

OLUNYE UDABA: Kumnyama ebusweni benkawu esizweni esimnyama

Kubalulekile ke ukuthi uwazi umlando ngekini ukuze ungagaxeli ngoba uzwa isoka lakho lithi licela nishade nawe bese uvumela phezulu kanjalo nensizwa ijahe ukubizwa ngendoda kanti ubabawayo usabizwa ngomfana, phela uma ungakoganwa usewumfana nje qha lokho akujiki.

Ubudoda buyasetshenzelwa, ukuthi unentshebe lokho akusho lutho phela nembuzi inayo intshebe kanjalo nami angizikhiphi ngaphandle ngoba nami ngisawumfana kodwa okwami kuzolunga maduzane nje.

Ngikengasho ukuthi nami angisiye ungoti kodwa ke njengabantu bendlu emnyama ukudodisana kuyinto ebalulekile ngoba nawe uma kukhona ulwazi onalo nami ngiyafunda futhi kuyangikhulisa lokho.

Bengisika elijikayo kodwa ke angikubeke kucace ukuthi angisiye ungoti walutho kodwa ngaba nenhlanhla yokukhula endaweni egcwele abantu abadala futhi abanolwazi, phela kuyenzeka umuntu abemdala kodwa angabinalo ulwazi, ubemdala ngeminyaka nje kuphela.

Kubhala uMoses xolo ePort Shepstone.

Ungaxhumana noMoses ku-Moses.xol156@gmail.com

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 1024 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 1087 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.95
-0.7%
Rand - Euro
20.56
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
912.40
-0.8%
Palladium
1,005.00
-2.1%
Gold
2,314.58
-0.3%
Silver
27.17
-0.5%
Brent-ruolie
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE