Dear Mhleli,
Mina ngiwumlandeli weKaizer Chiefs kodwa lokhu akunamthelela ekutheni ngikhulume ngomdlali engikholwa wukuthi wenze kahle kule sizini.
Lowo nguMulomowanda Eric Mathoho.
Le nsizwa isebenze ngokukhulu ukuzimisela kule sizini futhi ayigcinanga lapho izeyayosebenzela neqembu lesizwe.
Indlela abezimisela ngayo makushawa ikhona noma i-free kick, bekuyiyo ehamba phambili.
Ngiphinde ngibuke nangendlela angakhulumi ngayo uma edlaliswe kabi noma yena edlale kabi.
Uvumela lokho esekushiwo ngunompempe osuke esemdlalweni.
Ngiyamnika elami ivoti.
Obhalile,
Mcebo B Sikhakhane.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho