Share

Ugcwele ukungazi umuntu omnyama ovotela i-DA

Cape Town - Owesifazane kanye nomuntu omnyama ovotela iDemocratic Alliance, akahlukile nenkukhu engavotela iNandos.

Omunye umuntu angakuzwa njengenhlamba echapha abantu besifazane kanye nabamnyama abazibandakanya ne-DA lokhu kanti cha, akuyona neze.

Uma umuntu ezovotela iqembu elithize kuhle ayibhekisise imigomo yalo ukuthi iyahambisana yini nalokhu abakukhulumayo.

Iqembu le-DA alikholelwa ekutheni abantu besifazane banikezwe izikhundla ngokulinganayo nabesilisa ezinkampanini kanjalo nakuhulumeni kanti lokhu sikubonile ngesikhathi bengahambisani nokuphasiswa komthetho ophoqa ukuthi kube nabesifazane abayi-50% ekuthathweni kwezinqumo kuhulumeni kanjalo nasezinkampanini ezizimele.

Lo mthetho uphinde uveze ukuthi izinkampani eziyohluleka ukusebenzisa lolu hlelo zizohlawuliswa imali engango-10% wenzuzo yazo yonyaka okanye isigwebo sokubhadla ejele.

Uma iqembu le-DA lichitha lo mthetho, likhombisa ngokusobala ukuthi lisafuna ukuqhuba njengesikhathi sobandlululo lapho sasibona abesilisa kuphela ezikhundleni eziphezulu kanti futhi kuyibona abengamele umnotho wezwe.

OwayenguMengameli kuleli uDkt. Nelson Mandela wake washo wathi imigomo ye-DA iyafana neye-National Party (okuyiqembu elalibusa ngesikhathi sobandlululo).

Siyakubona futhi lokhu kwiKhabhinethi yaseWestern Cape, lapho kukhona abesilisa abayi-99% kanye no-1% womuntu wesifazane okungumholi we-DA uHelen Zille.

Kuwukubacwasa-ke lokho nokubabukela phansi abantu besifazane ngoba kukhombisa ngokusobala ukuthi umsebenzi wabo kumele kube ukulandela ngemuva kwabesilisa njengoba kwakwenzeka nangesikhathi sobandlululo.

I-DA iphinde yathusa abaningi ngisho namalunga ayo angabantu abamnyama ngesikhath ichitha i-BBBEE kanye ne-Employment Equity Bill.

Ngokombiko weKhomishana ye-Employement Equity ethulwe nguNgqongqoshe wezemiSebenzi uMildred Oliphant, bayi-20% kuphela abantu abamnyama abasezikhundleni eziphezulu kuleli.

Ingakho uhulumeni waqala lolu hlelo (Employment Equity) ngoba ufuna ukuqeda ubandlululo kanye nokucwasa ngokwebala ezindaweni sokusebenzela.

Lo mbiko uphinde uveze ukuthi eWestern Cape bayi-62% abesilisa abamhlophe abasezikhundleni eziphezulu zokuphatha, bese kuba u-12.7% wabesifazane abamhlophe abasezikhundleni zokuphatha.

Uma ubheka indlela i-DA ephikisa ngayo imithetho ezama ukuthuthukisa abamnyama ukuthi nabo babe sezikhundleni eziphezulu kungenza ngimvumele uMadiba uma ethi i-DA ayihlukile neze neqembu elalibusa kuhulumeni wobandlululo.

Iqembu le-DA ngisho lingabadukisa abantu abamnyama kuleli, kodwa iqiniso lithi alinayo imigomo eqondene nokubathuthukisa njengoba babencishwe amathuba ngaphambilini.

Uma ungabheka abantu elibakhethe ukuba baye ePhalamende, ungabona ukuthi kuwukubachapha ngenhlamba abantu abamnyama kuleli qembu ngoba basetshenziswa ekuthuthukiseni abamhlophe kanye nasekuvikeni umnotho osasezandleni eziyingcosana.

Uma kunomuntu omnyama osaqhubela nokweseka leli qembu ngingasho ngithi akahlukile nenkukhu engavotela iNandos ngoba kungaphinde kusetshenziswe yona ekwenzeni inzuzo.


* Ungaxhumana noSboniso Zungu ku-sbo1992@gmail.com

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 475 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 1039 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE