Share

Uhulumeni makangabi nazwelo kwabaphula imithetho

Mhleli

Kwelakho eliyizwi labantu nelihamba phambili, ngithi ake ngithathe usiba qede ngedlulise isicelo sami kubashayeli ngenxa yokukhathazeka ngesimo esesiyinsakavukela umchilo wesidwaba.

Nginxusa abashayeli ukuba bahloniphe imithetho yemigwaqo, babekezelelane, baqinisekise ukuthi baphumula ngokwanele uma bezoshayela amabanga amade, kuze kugwemeke izingozi ezidlula neminingi imiphefumulo zishiye imizi ivalwe ngehlahla.

Kuliqiniso elingephikiswe ukuthi ziningi izimpilo ezilahleka ngalesi sikhathi sonyaka ngenxa yezingozi zomgwaqo ezinye zazo ebezingagwemeka. Nginxusa uhulumeni nabakwaSidlodlo ukuba bangabi nazwelo kubashayeli abashayela bedle amponjwana nabashayela ngesivinini esiphezulu kakhulu, bagwetshwe kanzima abathi beshayela besebenzise umakhalekhukwini.

Kungaba nomthelela omuhle ukwandisa izivimbamgwaqo kuzwelonke kuze kuzobanjwa izimoto ezilayisha ngokweqile, ezingekho esimweni sokuthwala abantu kanti futhi kungancipha nabashayeli abandizayo.

Kuyosiza futhi nokuhlola izimoto ezithwala umphakathi ukuthi zikulungele yini ukuba semgwaqeni kanti futhi zisasesimweni esifanele yini ukuthi zingathwala umphakathi.

Izibalo zakamumva zikubeka kucace ukuthi izingozi eziningi zimbandakanya izimoto ezithwala umphakathi. Lokhu kulahlekisela imindeni ngabantu ababeka isinkwa etafuleni.

Akubhekwe nezimoto ezinkulu ezithwala impahla, kubukeka sengathi abanikazi bazo bakushaya indiva ukuqinisekisa ukuthi amaloli abo asesimweni esifanele ukuba angaba semgwaqeni. Inhliziyo yami ivele idabuke kakhulu uma ngicabanga izibhicongo zezingozi ezidalwa amaloli.

Ngifisa sengathi amaphoyisa omgwaqo angatshalwa kusemanje, kugwemeke izingozi.

Nina bakaBhejane phum esiqiwini, bakaPhunga noMageba kuwumsebenzi wawo wonke umuntu ukuqinisekisa ukuphepha emgwaqeni ngakho ke ukuze izingozi zinciphe, kumele sonke sidlale indima futhi sibambisane neziphathimandla.

Uhulumeni eyedwa angeke akwazi ukusindisa izimpilo zabantu uma thina mphakathi singafaki isandla. Ingcabha ngiyishiya nawe mfundi weNews24, engungqaphambili.

Ozithobayo
Sibonelo " K-Master" Khumalo,
eNtuthuko oPongolo



Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – 
"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
33% - 398 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
67% - 826 votes
Vote
Rand - Dollar
19.15
+0.1%
Rand - Pound
23.71
+0.5%
Rand - Euro
20.37
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.27
+0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.0%
Platinum
940.50
-1.0%
Palladium
1,026.50
-0.3%
Gold
2,390.34
+0.5%
Silver
28.54
+1.1%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE