Cape Town - UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi uthe uhulumeni uhamba ngokuyikho emizamweni yokulwa ne-HIV/Aids.
Abafundi bathi kuningi ekusamele kwenziwe nguhulemeni.
URussel Molefe uthe:
Uhulumeni akahambele ezindaweni ezisemakhaya, babe nezinqunquthela nabantu abaqeqeshiwe ukuqhashisa ngalesi sifo, kusazothathi isikhathi kimi ukuba ngivume ukuthi uhulumeni usesebenzile.
UKwanele Mbatha uthe:
Abantu basasaba ukuziveza emphakathini ngoba abakutholi ukwesekwa emphakathini abaphila kuyo kodwa kunalokho bathola ukucwaswa.
Angifuni nje ukuqamba amanga ngalapha engihlala khona abekho engibaziyo ukuthi bayagula.
USiphesihle Mhlungu uthe: A
kukho
mzamo eyenziwa nguhulumeni. Ongqongqoshe abeke beyohlala iviki ezindaweni
zasemakhaya noma elokishini bezobona imihlola egilwa amantombazane amancane
athanda izinto alala nabantu abadala abanemali nezimoto, kumoshwe imali
eningi ngokuqwashisa umphakathi kujike kufane.
Abantu abayisabi ingculaza.UWiseman Majola uthe:
Ungqongqoshe akakhulumi ngeNingizimi Afrika le esikuyo
thina ngoba inkinga enkulu iqala ezindaweni zokuthola usizo, bahlukaniselwani abantu abane-HIV/AIDS kwabanye futhi bavele bamemeze nje
abazolanda ama-ARVs, abanye bakubuze kunabantu abaningi ukuthi
uguliswa yini.
Lokho okwami no dokotela wami ake kulungiswe lapho usizo
lwezempilo lutholakale ngendlela eyodwa kungabandlululwa muntu.
UMakhosazane Xulu uthe:
Abantu bayazifihla ngoba uma eke waziveza usezothukwa ngakho
abanye bamnanye, eminye imindeni iyahluleka ukumamukela umuntu osethelelekile ngoba becanga ukuth uzobathelela nabo.
UJoe Chamane uthe:
Emakhaya cha mhlambe usho indawo ezakhele amadolobha.UGugu Masuku uthe:
Mina
angisiboni isidingo sokuthi abantu baziveze ngoba kunokuthi bathole
ukwesekwa abakutholi kuphela bakhulunywa kabi okuyinto ephinda ibalimaze kakhulu.
Mina nje engingakusho umuntu uma azazi yena kwanele lokho.
UBonginkoso Shinga uthe:
Ngiyacabanga ungqogqoshe ubesho la ehlala khona, hhayi emiphakathini yethu.
UPhila Maphumulo uthe:
Khona akusafiwa njengakuqala, umuntu akasazaci aze asabeke uma esheshe wadla imshanguzo, ayasiza wona bandla ama-ARVs.UNokubonga Khanyile uthe:
Uhulumeni
yena akenzanga okukhulu kangako nje, singambonga nje yena ngama-ARVs
nangamajazi abakhwenjana yize abantu bengawasebenzisi.
Abantu abasebenze kakhulu
ngabezinhlangano ezizimele, ngokuqhwashisa abantu bebafundisa
ngengculazi.
Abantu sebenolwazi olunzulu ngokuzivikela kwingculaza kodwa
ke ngebhadi ngeke ubenze baziphathe kahle.
UThembinkosi Mabaso uthe:
Ama-ARVs azamile wona kodwa umuntu ufa esethelele abantu abaningi kanti kuqala umuntu begula abonakale ukuthi uyagula.UThubelihle Ngobese uthe:
Kuyethusa okushiwo ungqongqoshe ngoba kusenezindawo ezingenayo ngisho
imitholampilo angiphathi-ke eyokuqwashisa yinto engasizi ngalutho leyo.
Akuvalwe imali yeqolo bese kuholelwa abanegciwane ukuze bakwazi
ukuzithengela ukudla okunempilo.
Thumela umbono wakho ku-isizulu@news24.com
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
–
Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24
News24