Cape Town - Usihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza uthi iqembu liyigubhe kahle kakhulu iminyaka engu-75 likhona.
Uthi ukunqoba kwalo ngoMgqibelo kube yisipho esihle nesingelibaleke.
Umshayimagoli uBenni McCarthy usenxuse uKhoza ukuthi anike umqeqeshi u-Augusto 'Njenje' Palacios umsebenzi wokuqeqesha
ngokugcwele.
USomaqhinga Hlatshwayo uthe:
Angiyena umlandeli weBhakabhaka kodwa ngiyaweseka umbono kaBenni.
UVuyisani Shezi uthe:
Impela kumele anikezwe ithuba umqeqeshi.
UPinkie Cele uthe:
Impela akanikwe ithuba lokuqeqesha iqembu, ukhombise obukhulu ubuhlakani ngendlela ahlele ngayo abadlali kumzuliswano wokuqala.
Phambili
namaBhakabhaka.
UBonga Maphumulo uthe:
Into ebalulekile ukuthi umqeqeshi azwane nabobonke abadlali hhayi ukukhetha iphela emasini.
UZola Cingwane uthe:
Akanikezwe inkontileka yonyaka owodwa vo.UThabani Mnguni uthe:
Akanikwe
ithuba kodwa bayiwine i-African Championship Cup. ULunga Mndaweni uthe:
Akamnike kumfanele, utshengisile ukuthi uzimisele ngePirates.UBulisiwe Tawo Mnculwane uthe:
Ngivumelana kakhulu noBenni.
UNosipho Ndlovu uthe:
Akanikwe ithuba uNjenje.
ULucosta Gumbi uthe:
Kungumqondo omuhle lowo kodwa uma engayeka kudlalisa uBenni imizuzuz engu-
90 noma esekhathele.
Aphinde anike abanye abadlali ithuba nabo
siyafuna kubabona.
UKhulekani Mthokozisi Nkwanyana uthe:
Uma
efunwa ngabadlali kuyakhomba ukuthi unobudlelwane obuhle nabo, ufike
izinto zingasahambi kahle eqenjini kodwa wakwazi ukuthi alibuyisele esimweni.
UPhumlani Skhosana uthe:
Wake washaywa yithi singabalandeli uNjenje ngakho mina ngithi abadlali abadala abazukuba namdlalo uma kunguye oqeqeqshayo.
UNduduzo Zamani uthe:
Bangamnika inqomo uma ezosheshe akwazi ukubona ukuthi umdlali usekhathele afake omunye ngokushesha kungaze konakale.
UQinisela Steve uthe:
Abamunike esokwelekelelqa, yena unalo ikhono kodwa angiboni ukuthi angakwazi ukuqhubeka nokuthela izithelo ezinhle.
UNcamile Yende uthe:
Bangamnika
ubonise wonke umuntu ukuthi uzimisele ngaleli qembu ujabhise ngisho
izitha ngoba phambilini bese kungathi liyahluleka labuyela esimeni
salo.
UMthembisi Lewis Mndiyata uthe:
Uma abadlali bejabulile kumele uKhoza amunike noma unyaka owodwa azibonakalise.
USimphiwe Mhlongo uthe:
Bangamunika kodwa abadlali bebezimisele ngokwabo nizombona uma kuhamba isikhathi.UBongani Thango uthe:
Mabhakaniya mahle uma manifuna ukuluza ningamunika elinye ithuba.UBongakonke Shelembe uthe:
Akanganikwa uzoba nenkinga phela ayikho into ayenzile abadlali yibo abathathe indebe.
Sazise ku-isizulu@news24.com
Disclaimer: INews24
iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene.
Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona
imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
News24