Sibe sesibuza abafundi bethu ukuthi lichaza ukuthini leli holidi kubona.
Nazi izimpendulo:
Celcious Kadafi Cele Lolu suku luyisilonda kumuntu omnyama. Kwachitheka igazi eliningi kwaZulu, kahle kahle lolu suku lunengcindezi kumuntu omnyama, usuku lwabamhlophe lulo ababethembisile enkosini yabo ukuth uma bengamqoba uDingani bayohlezi belibungaza.
Skhosiphi Mvikeleni Cele Ukubunjwa koMkhonto Wesizwe
Zithulele Mkhize Luchaza ukuthi amaBhunu abulala uZulu eNcome, ayikho into yokujatshulelwa ngalolu suku.
Alex Mgwaba Ngokomthetho luchaza ukuxolelana, ukuvulelana izifuba kodwa-ke inkinga awukwazi ukubuyisana nomuntu ekubeni yena esazoqhubeka lapho eyegcine khona nenzondo yakhe.
Mphrofeth Mandla Shandu Aluchazi lutho nje.
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter