Cape Town - Kuyiwe ekhefini i-Orlando Pirates ihamba phambili ngamagoli amabili ngesikhathi idlala nePolokwane City koweligi.
IMartizburg United nayo ibihamba phambili ngegoli elilodwa eqandeni ngesikhathi ibhekene neFree State Stars.
Sibe sesiphonsa lo mbuzo kubafundi bethu:
Ngokubona kwakho ngabe la maqembu alandela ngemuva asengawaphendula amatafula?
Nazi izimpendulo:
Mfanafuthi Jika Pantsula Nzuza - Kusengenzeka noma yini kuMaritzburg neStars kodwa iBhakabhaka isengaqhubeka ifake amanye amagoli kunokuba ibuye iPolokwane.
Victor Dladla - Akuselula ukubamba iPirates kunalokho izofaka amanye amagoli, kodwa isengabuya iFree State Stars.
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma
ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi
imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter