Cape Town - Impela baqinisile uma bethi iqembu uma linemidlalo esandleni akusho ukuthi lizothola amaphuzu agcwele (amathathu) kuyona.
Lokhu kufakazelwe okwenziwe yiCeltic kwiSundowns.
Ayishaywanga iDowns kodwa ibhaxabulwe kwabukiswa ngayo.
Baphawule kanje abafundi bethu:
USipho Zungu uthe: Usuthu, umaNdlakazi inyokana eluhlazana umabona abulale, Halala kumaZulu neKaizer Chiefs.
USbusiso Sondiya uthe: NeBucs yam idliwe kodwa hhayi kanje 0-5.
UMaster Khathi uthe: Hhebe !!! Usuthu!!! Aluyi ndawo, nalo luthi ikubo kuPSL, kuzomele uhulumeni angenelele ngoba kushubile emsileni.
UMC Mazwi uthe: AmaZulu awinile, iChiefs iwinile, iSundowns ishayiwe, ngiyajabula, iPirates angiyibali.
Bheka ku-Facebook-Izindaba News24, ubone abanye batheni.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho