Cape Town - Usexoshiwe uNobhala Jikelele weCosatu uZwelinzima Vavi. Imininingwane ngokuxoshwa kwakhe izolandela.
Ngakolunye uhlangothi inyunyana iLimusa isiyamukelekile ngaphansi kweCosatu.
Lokhu kuchaza ukuthi sekuphelile ngeNumsa kwiCosatu.
Baphawule kanje abafundi:
UDicks Igeza-lakoGcwabe Mkhize uthe: Silimele ngoVavi ngoba nguye kuphela ocabangela abasebenzi. Kungcono ayojoyina i-EFF ukuze ezositakula kwingcindezelo.
USandile Maphalala uthe: I-NUMSA yethu izozimela vele i-COSATU awukho umdonsiswano eyake yawuphumelela.
USophia Fortunate Kwakwa's uthe: Kwakubi kuthina basebenzi.
UZandile Linda uthe: Noma engaxoshwa kodwa ngeke ngiwakhohlwe amagalelo kaVavi ngisho engasungula elakhe iqembu ngizomuvotela wayidlala indima.
Bheka ku-Facebook-Izindaba News24, ubone abanye batheni.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba
ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter