Cape Town - Sibuze bafundi bethu ekuseni ukuthi bayathandaza yini uma bezoya enkonzweni yasekamelweni na?
Lo mbuzo ububhekiswa kwabashadile naba ngashadile, NgoLwesihlanu.
Baphendula ngokuthi:
ULucky Ribs Nhlanhla uthe: yebo mina ngiyathandaza ngenhliziyo ngibike eNkosini ukuthi sengiqala lomsebenzi manje.
UBongekile Nonzuzo Nkosi uthe: mina ngoba angishadile nje ngabe ngidelela uJehova ngoba vele ngisuke ngephula umthetho kaJehova.
UZamo Faith uthe: Cha.
Sthembiso Nene uthe: Mina ngiyathandaza uma ngilala ngedwa kodwa uma ngivakashelwe angithandazi ngoba ngikholelwa ekutheni ukulalana ningashadile kuyicala phambi komdali.
USandile Masndi Magwaza uthe: Eyi mina angithandazi uma ngivakashelwe futhi kuyazenzakalela.
UQhoshakufanele Ischomane Samaswazi uthe: cha akuthandazwa kulenkonzo.
US’phelele Mncwa uthe: Bekuba nzima ngaphambilini kodwa ngavakashelwa womunye usisi, angazi ukuthi ngingathi unani kodwa ngaphupha ngijahwa abantu befuna igazi lami kwaze kwasa, kuze kwaba kabili manje noma ubani enginaye wakhuluma eyokulala ngiyaqinisekisa ukuthi siyathandaza ngaphambi kokuthi kulalwe uma enqaba ngimkhombisa umnyango.Engingakusho nje uma uyikholwa uNkulunkulu kumele afike kuqala ezintweni ozenzayo umazingazwani naye kusho ukuthi azikufanele uma uphoqa uwena osala nenkinga.
UNomfundo Mntungwa uthe: Mina ngikholelwa ekutheni thandaza ngaphambi kokuba udle kanjalo masengidla izwi enkonzweni yasekamelweni ngiyathandaza.
UZama Conco uthe : Isidlo nesidlo siyabongwa, kufanelekile ke ukuthandaza ngaphambi kwalenkonzo, kuxoshwe nemimoya emelene nokuba yenzeke kahle, Amen!
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho