Cape Town - Ngeke sathi ngoba nakhu bonke abantu uma beshada - mumva nje sebeshadiswa ngabafundisi yize oyedwa wabo engasonti - bese sithi umshado wesiNtu, wenyongo ugwinywe wukholo nosiko lwebhayibheli.
Abantu abathanda ukushumayela belikha phezulu ibhayibheli bavama ukuzikhulumela ukuthanda kwabo njengodokotela becaphune la bethanda khona. Nami ke njengengqapheli ezigcobile ngithi ake ngisike langithanda khona ngibheke ukuthi ithini inkunz’emnyama emlom’bomvu (iBhayibheli) ngomabuy’emendweni.
Uthi uDeuterenomy 25 ivesi lesi-7 kuya kwelesi-9 – Uma abafana bengabesende elilodwa beganiwe, bese oyedwa eshona, umfazi kamfowabo makangagani ngaphandle kwalo mndeni. Umfowabo kamyeni wakhe uyakumthatha amganise afeze umsebenzi wendoda kunkosikazi kamfowabo.
Funda nalolu daba: Iyanginyanyisa into eyenziwa aboKhozi FM
Kodwa uma umfowabo wasemzini enqaba ukungena uMka mfowabo, loyo nkosikazi unelungelo lokumbopha esigcawini sesizwe. Kanti noma le ndoda iqinisa ikhanda inqaba ukumngena lona wesifazane kumele ambeke esigcawini sesizwe, phambi kwabadala amkhumule imbadada eyodwa bese emkhwifa ngamathe emtshele ukuthi “yenziwa njena-ke indoda engafuni ukuvusa umuzi kamfowabo”.
Mina anginankinga, vele zihlale zinginetha ngenxa yokuphawula kwami, okuyizimaku namagovana kungiquza ngapha nangapha, impela nokungenadosi kuyatinyela nje la eNtshebeni kodwa ke namhlanje ngizoke ngizwe! Phela uyabona-ke, seyikhulumile ke ingadla-ngadla, kwakhuluma uJehova umlomo ongathethimanga ngeBhayibheli kwabaSindisiwe nabakholwayo!
NangokwesiNtu indaba imi kanjalo nje, yize-ke isiNtu singawukhuthazi umkhuba kamabophana esigcawini nokukhwifwa ngamathe kodwa sigcizelela yona into efanayo ukuthi oseganile makafele emzini.
Sekukaningi ngibona kushona abanumzane sebeganiwe bebancane qede abafelokazi bathathe imithwalo bathuthe bayogana kabusha.
Funda nalolu daba: 'UMalema ufana nse nosomatekisi'
Uma uganiswe ngenyongo usubizwa ngesidalwa sakulo womuzi, noma ufa usuyobizwa empephweni yasemzini hhayi kwenu. Kangakanani-ke usuhambe wayoqoma kabusha nezinsila zasemendweni zingasuswanga? Mina umfazi oyogana mina uyogugela ekhaya angenwe abafowethu mhla ngifile ukwenzela ukukhulisa izingane zami ekhaya zingahambe zikhala ezintabeni.
Bengingageqi magula, bengisho nje ukuthi asebesemendweni mabafele khona, azikhali divosi-la, mekushona indoda bakhona abafowabo bazowuqinisa umuzi kamfowabo nebhayibheli liyavuma! Kusho mina iNtsheb’emnandi kwabayidlayo, ngiyindla’beyiphika wethu inyama yomlenze beyisika beyithuka phansi kwentab’enkulu iNgquza emaMpondweni…nali ikheli ngenhla!
Sbongiseni Shangase [sbmvula@gmail.com]
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.