Share

'Umfazi wenyongo akabuyi emendweni!'

Cape Town - Ngeke sathi ngoba nakhu bonke abantu uma beshada - mumva nje sebeshadiswa ngabafundisi yize oyedwa wabo engasonti - bese sithi umshado wesiNtu, wenyongo ugwinywe wukholo nosiko lwebhayibheli.

Abantu abathanda ukushumayela belikha phezulu ibhayibheli bavama ukuzikhulumela ukuthanda kwabo njengodokotela becaphune la bethanda khona. Nami ke njengengqapheli ezigcobile ngithi ake ngisike langithanda khona ngibheke ukuthi ithini inkunz’emnyama emlom’bomvu (iBhayibheli) ngomabuy’emendweni.

Uthi uDeuterenomy 25 ivesi lesi-7 kuya kwelesi-9 –  Uma abafana bengabesende elilodwa beganiwe, bese oyedwa eshona,  umfazi kamfowabo makangagani ngaphandle kwalo mndeni. Umfowabo kamyeni wakhe uyakumthatha amganise afeze umsebenzi wendoda kunkosikazi kamfowabo.

Funda nalolu daba: Iyanginyanyisa into eyenziwa aboKhozi FM

Kodwa uma umfowabo wasemzini enqaba ukungena uMka mfowabo, loyo nkosikazi unelungelo lokumbopha esigcawini sesizwe. Kanti noma le ndoda iqinisa ikhanda inqaba ukumngena lona wesifazane kumele ambeke esigcawini sesizwe, phambi kwabadala amkhumule imbadada eyodwa bese emkhwifa ngamathe emtshele ukuthi “yenziwa njena-ke indoda engafuni ukuvusa umuzi kamfowabo”.

Mina anginankinga, vele zihlale zinginetha ngenxa yokuphawula kwami, okuyizimaku namagovana kungiquza ngapha nangapha, impela nokungenadosi kuyatinyela nje la eNtshebeni kodwa ke namhlanje ngizoke ngizwe! Phela uyabona-ke, seyikhulumile ke ingadla-ngadla, kwakhuluma uJehova umlomo ongathethimanga ngeBhayibheli kwabaSindisiwe nabakholwayo!

NangokwesiNtu indaba imi kanjalo nje, yize-ke isiNtu singawukhuthazi umkhuba kamabophana esigcawini nokukhwifwa ngamathe kodwa sigcizelela yona into efanayo ukuthi oseganile makafele emzini.

Sekukaningi ngibona kushona abanumzane sebeganiwe bebancane qede abafelokazi bathathe imithwalo bathuthe bayogana kabusha.

Funda nalolu daba: 'UMalema ufana nse nosomatekisi'

Uma uganiswe ngenyongo usubizwa ngesidalwa sakulo womuzi, noma ufa usuyobizwa empephweni yasemzini hhayi kwenu. Kangakanani-ke usuhambe wayoqoma kabusha nezinsila zasemendweni zingasuswanga? Mina umfazi oyogana mina uyogugela ekhaya angenwe abafowethu mhla ngifile ukwenzela ukukhulisa izingane zami ekhaya zingahambe zikhala ezintabeni.

Bengingageqi magula, bengisho nje ukuthi asebesemendweni mabafele khona, azikhali divosi-la, mekushona indoda bakhona abafowabo bazowuqinisa umuzi kamfowabo nebhayibheli liyavuma! Kusho mina iNtsheb’emnandi kwabayidlayo, ngiyindla’beyiphika wethu inyama yomlenze beyisika beyithuka phansi kwentab’enkulu iNgquza emaMpondweni…nali ikheli ngenhla!

Sbongiseni Shangase [sbmvula@gmail.com]

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 478 votes
No! It's time to move on ...
35% - 263 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+1.1%
Rand - Pound
23.79
+0.7%
Rand - Euro
20.40
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.40
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
925.50
+1.5%
Palladium
989.50
-1.5%
Gold
2,331.85
+0.7%
Silver
27.41
+0.9%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.7%
Industrial 25
102,531
-1.5%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE