1. Ngiyaqala ngibekelela ukuphela konyaka
2. Ngikhokha izikweletu ezidaleke ngoDisemba
Sicela usitshele ozokwenza wena ngomholo wokuqala noma ngabe akubhaliwe ngenhla, uphinde usiphe nama-tips okonga.
Baphawule kanje abafundi:
UMelusi Mbili Meluh uthe: Ngiyaqala ngiyibekela ukuyokwenza ilicence yemoto engizoyenza ngo-Ephreli.
U-Apostle Nhlanhla Mhlongo uthe: Mina ngiyashada ngomhlaka-2 Meyi manje ngizokhokhela zonke izindleko zawo zokuqala.
UNkanyiso Cele Ndleleni uthe: Mina ngizoya kwa-Old mutual ngoba ngifuna ukwenza i-investment yemali engu-R200 ngenyanga-ngizoyilanda uma sekuphele iminyaka emihlanu.
USbusiso Mata uthe: Ngilindele ukuba uBaba, ngizoyibeka imali ukuze ngoJuni uma kuzalwa indodakazi noma indodana yami ngikwazi ukuyifikisa kahle kulomhlaba.