Zikhona nezinyanga ezihlala njalo zizikhangisa zithi zinomuthi ongenza umsolwa aliwine icala noma belilibi kanjani.
UJaji uThokozile Mapisa usanda kukhipha isinqumo wathi uMbuso uhlulekile ukubeka obala ukuthi ummangalelwa u-Oscar Pistorius wabe enezinhloso zokwephula ngokuphathwa kwezikhali, esho ecaleni lakhe lokutholakala nezinhlamvu zesibhamu.
Ngaphambi kwalokhu wamkhipha phambili ecaleni lokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp, wamlahla ngelokubulala ngokungenhloso.
Abantu basale bezibuza ukuthi kungenzeka yini ukuthi ummangalelwa uthole usizo lomuthi wesintu, sibuze abafundi bethu.
Baphawule kanje:
ULula Dlabutshe uthe: Akukho muthi lana, ijaji lisebenzise ubufkazi obuphambi kwalo.
USamu Nyanda uthe: Umuthi ka-Oscar yimali , uma unemali uba muhle uthandwe.
UBongani KaSimelane uthe: Akasebenzisi umuthi.
UMbali Enhle Mdima uthe: Akukho muthi la, inkantolo isebenza ngamaqiniso nobufakazi.
USandile Joshua Mbambo uthe: Akukho muthi la, uyena kuphela owayekhona mhla kwenzeka lesi sigameko, abanye abantu bayaqagela qha.
Inkinga igcwele kulaba abazitshela ukuthi bakwazi kahle okwenzeka ngobusuku becala.
UCympioe TB WaseNgweni uthe: Akukho muthi, kusebenza imali.
UNonhlanhla Miya uthe: Ngiqinisekile uwulanda kwaMhlabuyalingana.
UMazandy Shabalala uthe: Fak'imali uzobona!
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.